Skip to Content

UJeremiya Isahluko 47

1 Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofeth i ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza. 2 Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho , abe ngumfula okhukhulayo , akhukhule izwe nokugcwala kwalo , umuzi nabakhileyo kuwo ; abantu bayakukhala , bonke abakhileyo ezweni bahhewule. 3 Ngomsindo woku dubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla , nangokuduma kwezinqola zakhe , nangodumo lwamasondo akh e oyise ababheki emuva kubantwana ngenxa yobuthakathaka bezandla zabo 4 ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilist i nokunquma eTire naseSidoni bonke aba sizi abaseleyo , ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti, insali yesiqhingi saseKafitori. 5 Ubumpandla bulehlele iGaza ; i-Ashikeloni liphelile , insali yesigodi sabo ; uyakuzisika kuze kube nini na? 6 Awu wena nkemba kaJehova , koze kube nini ungathuli na ? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole. 7 Ingathula kanjani, lapho iyalezwe nguJehova , na? Uyinqumele i-Ashikeloni nogu lolwandle.