Skip to Content

UJobe Chapter 7

1 Umuntu akasempini yini emhlabeni , imihla yakhe ayinjengemihla yomqashwa na? 2 Njengenceku ekhefuzelela it hunzi, nanjengomqashwa obheka umvuzo wakhe, 3 kanjalo ngithole ifa lezinyanga zokubi; ngimiselwe ubusuku bezinhlupheko. 4 Lapho ngilala phansi , ngisho ngithi : Ngingavuka nini , ngokuba ubusuku bude; ngigcwele ukubinyabinyeka kuze kuse. 5 Inyama yami yembesiwe izimpethu namagade othuli ; isikhumba sami siyaphola, sibuye sibhicike. 6 Imihla yami iyashesha kunesaluko, iphela ingenathemba. 7 Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya ; iso lami aliyikubuye libone okuhle. 8 Iso longibonayo alisayikungibuka; amehlo akho esekimi, angisekho. 9 Ifu liphela lihamba ; kanjalo owehlele endaweni yabafileyo akasayikukhuphuka. 10 Kasayikubuyela endlini yakhe; indawo yakhe ayisayikumazi. 11 Ngalokho nami angiyikubamb a umlomo wami ; ngiyakukhuluma osizini lomoya wami, ngikhale ngomunyu womphefumulo wami. 12 Ngilulwandle yini, ngingumkhomo yini, ukuze ungibekele abalindi? 13 Lapho ngithi umbhede wami uyakungiduduza , ukhukho lwami lungithwalise ukukhala kwami, 14 uyangesabisa ngamaphupho, ungethusa ngemibono, 15 ukuze umphefumulo wami ukhethe ukuklinywa nokufa kunalawa mathambo ami. 16 Ngiyanengwa yiwo ; mangingahlali njalo ; ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize. 17 Uyini umuntu ukuba umkhulise, nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye, 18 nokuba umhambele ekuseni njalo, umhlole njalonjalo, na? 19 Koze kube nini uyeka ukungibheka na ? Ngiyeke, ngize ngiminze amathe ami. 20 Noma ngonile , ngenzeni kuwe mlindi wabantu na ? Ungimiseleni ngibe yisigcibisholo sakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi, na? 21 Awuthetheleli ngani isiphambeko sami , ususe isono sami , na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.