Skip to Content

UJobe Chapter 8

1 Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi: 2 Koze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na? 3 UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini ? USomandla uphendukezela ukulunga na? 4 Uma abantwana bakho bonile kuye, yena wabanikela emandleni ezono zabo, 5 khona, uma wena ufunisisa uNkulunkulu, unxuse kuye uSomandla, 6 uma uhlambulukile , futhi ulungile , khona yena uyakuvuka ngenxa yakho , aphumelelise ikhaya lokulunga kwakho. 7 Ukuqala kwakho sekuyakuba ngokuncane , nokugcina kwakho kube ngokukhulu kakhulu. 8 Ake ubuze ezizukulwaneni zakuqala , uzibhekise lokho abakuphenyile yo oyise bazo, 9 ngokuba thina singabezolo nje , asinalwazi, lokhu imihla yethu emhlabeni iyithunzi; 10 bona abayikukufundisa yini, bakutshele, bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo, na? 11 Umhlanga ungahluma lapho kungekho xhaphozi na ? Incema ingamila kungekho manzi na? 12 Uma iseluhlaza, ingakakhiwa, iyabuna phambi kwabo bonke utshani. 13 Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu : ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka; 14 ithemba lakhe liyakunqunywa, nesisekelo sakhe siyindlu yolwembu. 15 Uyakwencika endlini yakhe , kepha ayiyikuma ; uyakubambelela kuyo , kepha ayiyikuqina. 16 Yena uluhlaza phambi kwelanga; imixhantela yakhe iyaxhantela ensimini yakhe. 17 Izimpande zakhe ziyathandela enqwabeni yamatshe , aqhekeze indawo yamatshe. 18 Uma echithwa endaweni yakhe, iyakumala ngokuthi: Angizange ngikubone. 19 Bheka, injalo indlela yokuthokoza kwakhe; kuyakuvela abanye othulini. 20 UNkulunkulu akamlahli opheleleyo, kabambi isandla sababi, 21 aze agcwalise umlomo wakho ngokuhleka , nezindebe zakho ngokumemeza. 22 Abakuzondayo bayakwembeswa amahloni; itende lababi aliyobe lisabakho.