Skip to Content

ULevitikusi Chapter 12

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: Uma owesifazane ekhulelwa, azale umfana, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikho mbisa; njengasemihleni yokungcola ngefindo lakhe wohlala engcolile. 3 Ngosuku lwesishiyagalombili inyama yejwabu lakhe iyakusokwa. 4 Abesehlala esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi amathathu nantathu, angathinti lutho olungcwele , angangeni endlin i engcwele , zize ziphelele izinsuku zokuhlambuluka kwakhe. 5 Kepha uma ezala intombazana , makabe ngongcolile amasonto amabili njengasekungcoleni ngefindo lakhe , ahlale esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi ayisithupha nesithupha. 6 Nanxa seziphel ile izinsuku zokuhlambuluka kwakhe ngomfana noma ngentombazana, makalethe imvu enomnyaka munye , ibe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe , libe ngumnikelo wesono , akulethe ngasemnyango wetende lokuhlangana kumpristi, 7 yena anikele ngakho phamb i kukaJehova , amenzele ukubuyisana , aze ahlambuluke emthonjeni wegazi lakhe . Yilowo umthetho wozalayo umfana noma intombazana. 8 Uma amandla akhe enganeli imvu , khona uyakuthatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba , elinye libe ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono , umpristi amenzele ukubuyisana , aze ahlambuluke.