Skip to Content

ULevitikusi Chapter 16

1 UJehova wakhuluma kuMose emva kokufa kwamadodana ka -Aroni ekusondeleni kwawo phambi kukaJehova, afa. 2 UJehova wathi kuMose : Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo , ukuze angafi , ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa. 3 U-Aroni kangene endaw eni engcwele nalokhu : iduna, libe ngumnikelo wesono, nenqama, ibe ngumnikelo wokushiswa, 4 embathe ibhantshi elingcwele lelineni , abe nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande lelineni , afake isigqoko selineni ; lezi ziyizambatho ezingcwele; uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, azembathe. 5 Wothabatha enhlanganweni yabantwana bakwa -Israyeli izimpongo ezimbili zibe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa. 6 U-Aroni kanikele ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe , azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana. 7 Wothabatha izimpongo zombili, azibeke phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. 8 U-Aroni uyakwenza inkatho ngezimpongo zombili , enye inkatho ibe ngekaJehova, enye inkatho ibe ngeka-Azazeli. 9 U-Aroni wonikela ngempongo edliwe yinkatho kaJehova, anikele ngayo ibe ngumnikelo wesono. 10 Kepha impongo edliwe yinkatho ka -Azazeli iyakubekwa phambi kukaJehova isezwa ukuba kwenziwe ukubuyisana ngayo , ithunywe ku - Azazeli ehlane. 11 U-Aroni wonikela ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe , azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana , ahlabe inkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe. 12 Wothabatha umcengezi womlilo ogcwele amalahle omlilo ase -altare phambi kukaJehova , izandla zakhe zigcwele impepho ethaphukayo icolisisiwe, akulethe ngaphakathi kwesihenqo, 13 abeke impepho emlilweni phambi kukaJehova ukuba ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi; 14 athabathe kulo igazi lenkunzi , afafaze ngalo isihlalo somusa ngasempumalanga ngomunwe wakhe , nangaphambi kwesihlalo somusa afafaze ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe. 15 Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo , enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa, 16 enzele indawo engcwele ukubuyisana ngenxa yokungcola kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yeziphambeko zabo ezonweni zabo zonke ; akenzele njalo netende lokuhlangana elihlezi nabo phakathi kokungcola kwabo. 17 Akuyikubakho muntu etendeni lokuhlangana , nxa eng ena ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele aze aphume , azenzele ukubuyisana , yena nendlu yakhe nebandla lonke lakwa-Israyeli. 18 Uyakuphuma, aye e -altare eliphambi kukaJehova , alenzele ukubuyisana , athabathe kulo igazi lenkunzi nakulo igazi lempongo, alibhece ezimpondweni ze-altare nxazonke. 19 Uyakulifafaza ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe , alihlambulule, alingcwelise ekungcoleni kwabantwana bakwa-Israyeli. 20 Eseqedile ukwenzela indawo engcwele ukubuyisana, netende lokuhlangana ne-altare, uyakunikela ngempongo ezwayo; 21 u-Aroni abeke izandla zakhe zombili enhloko yempongo ezwayo , avume phezu kwayo bonke ububi babantwana bakwa -Israyeli neziphambeko ezonweni zabo zonke , akubeke enhloko yempongo , ayithume ngesandla somuntu olungiselwe lokhu, iye ehlane, 22 impongo ithwale ububi babo bonke , iye nabo kwahlongasibi , bayiyeke impongo ehlane. 23 U-Aroni uyakungena etendeni lokuhlangana , akhumule izambatho zelineni azembetheyo ekungeneni kwakhe endaweni engcwele, azishiye khona. 24 Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi enda weni engcwele , agqoke izambatho zakhe , aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana. 25 Amanoni omnikelo wesono uyakuwashisa e-altare. 26 Ovuma ukuba impongo iye ku -Azazeli uyakuhlanza izingub o zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu. 27 Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono , elangeniswa igazi lazo ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele , ziyakukhishelwa ngaphandle kwekamu , kushiswe ngomlilo izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo. 28 Ozishisayo wohlanza izingubo zakhe , ageze umzimba wakhe ngamanzi , andukuba angene ekamu. 29 Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini : ngenyanga yesikhombisa ngolweshumi lwenyanga niyakuthobisa imiphefumulo yenu , ningasebenzi msebenzi, owokuzalwa ekhaya nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu. 30 Ngokuba ngalolo suku niyakwenzelwa ukubuyisana ukuba nihlanjululwe; niyakuhlambuluka ezonweni zenu zonke phambi kukaJehova. 31 Kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo kini ; anothobisa imiphefumulo yenu; kuyisimiso esiphakade. 32 Umpristi oyakugcotshwa ahlukaniselwe abe ngumpristi esikhundleni sikayise uyakwenza ukubuyisana , afake izambatho zelineni , izambatho ezingcwele, 33 enzele indlu engcwele ukubuyisana , enzele abapristi nabantu bonke bebandla ukubuyisana. 34 Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa - Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka. Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.