ULevitikusi Chapter 17
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
Yisho ku -Aroni, nakumadodana akhe , nakubo bonke abantwana bakwa - Israyeli, uthi kubo: Lokhu kuyikho ayale ngakho uJehova, ethi:
3
Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa -Israyeli ohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi ekamu, noma eyibulala ngaphandle kwekamu,
4
engayilethanga emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaJehova ngaphambi kwetabernakele likaJehova , lowo muntu wobalelwa icala legazi ; uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
5
Ngalokho abantwana bakwa -Israyeli bayakuletha imi hlatshelo yabo abayihlaba endle, bayilethe kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, kumpristi, banikele ngayo ibe yiminikelo yokuthula kuJehova.
6
Umpristi wofafaza ngegazi i -altare likaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, ashise amanoni, abe yiphunga elimnandi kuJehova.
7
Abasayikuhlabela amademoni imihlatshelo yabo abaye kuwo ukuphinga . Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.
8
Wothi kubo : Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa -Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo,
9
engayilethi emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngawo kuJehova , lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo. Igazi alinakudliwa
10
Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa -Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.
11
Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini ; ngimnike lona e -altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana , lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.
12
Ngalokho ngathi kubantwana bakwa -Israyeli: Makungabikho muntu kini odla igazi; nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu makangadli igazi.
13
Yilowo nalowo muntu wabantwana bakwa -Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo ozingela, abambe isilwane noma inyoni edliwayo, makachithe igazi layo, alisibekele ngothuli.
14
Ngokuba umphefumulo wenyama yonke , igazi layo lihlangene nomphefumulo wayo ; ngalokho ngathi kubantwana bakwa -Israyeli: Maningadli igazi lenyama noma iyiphi , ngokuba umphefumulo wenyama yonke uyigazi layo; yilowo nalowo oyidlayo uyakunqunywa.
15
Yilowo nalowo odla ingcuba noma lokho okudweshulwe yizilo , noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi , makahlanze izingubo zakhe , ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe; khona uyakuhlambuluka.
16
Kepha uma engazihlanzi , angagezi umzimba wakhe , uyakuthwala ububi bakhe.