ULevitikusi Chapter 20
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
Futhi uyakusho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwa -Israyeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelo zwe bamkhande ngamatshe.
3
Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu , ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.
4
Uma abantu balelo zwe besitheza kancane amehlo abo kulowo muntu, lapho enikela ngenzalo yakhe kuMoloki, bangambulali,
5
ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu nomndeni wakhe , ngimnqume kubantu bakubo kanye nabo bonke abaya kuye ukuphinga , beyophinga noMoloki.
6
Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge , ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu , ngimnqume kubantu bakubo.
7
Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.
8
Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo.
9
Ngokuba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa ; uthukile uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.
10
Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.
11
Umuntu olala nomkayise wambulile ubunqunu bukayise ; bobabili bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
12
Uma umuntu elala nomalokazana wakhe , bobabili bobulawa nokubulawa; benzile ichilo; igazi labo malibe phezu kwabo.
13
Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane , bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
14
Uma umuntu ethatha umfazi kanye nonina , kungukonakala; bayakushiswa ngomlilo yena nabo, ukuze kungabikho konakala phakathi kwenu.
15
Uma umuntu elala nesilwane, wobulawa nokubulawa, nisihlabe isilwane.
16
Uma owesifazane esondela esilwaneni , alale n aso, wobulala owesifazane nesilwane; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
17
Uma umuntu ethatha udadewabo , indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe , naye abone ubunqunu bakhe , kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana b abantu bakubo ; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.
18
Uma umuntu elala nowesifazane onefindo lakhe, ambule ubunqunu bakhe, unqunisile umthombo wakhe , naye wambulile umthombo wegazi lakhe ; bobabili bayakunqunywa kubantu bakubo.
19
Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kanyoko , noma obukadadewabo kayihlo, ngokuba unqunisile isihlobo sakhe; bayakuthwala ububi babo.
20
Uma umuntu elala nomkayisekazi , wambulile ubunqunu bukayisekazi ; bayakuthwala isono sabo; bayakufa beyizimpulule.
21
Uma umuntu ethatha umkamfowabo, kungukungcola; wambulile ubunqunu bomfowabo; bayakuba yizimpulule.
22
Ngalokho anogcina zonke izimiso zami , nazo zonke izahlulelo zami , nizenze ukuba izwe lapho nginiyisa khona ukuba nihlale kulo linganihlanzi.
23
Aniyikuhamba ngamasiko esizwe engisixosha phambi kwenu , ngokuba benza zonke lezo zinto; ngalokho nganengwa yibo.
24
Kepha ngishilo kini ukuthi : Niyakulidla ifa lezwe labo , ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi , nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.
25
Ngalokho anohlukanisa izilwane ezihlambulukileyo nezingcolileyo , izinyoni ezingcolileyo nezihlambulukileyo , ningenzi imiphefumulo yenu inengeke ngesilwane noma ngenyoni noma ngantoni enwabuzelayo emhlabeni, engizahlukanisile nani, ngathi zingcolile.
26
Niyakuba ngcwele kimi , ngokuba mina Jehova ngingcwele ; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.
27
Owesilisa noma owesifazane , elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.