Skip to Content

ULevitikusi Isahluko 21

1 UJehova wathi kuMose : Khuluma kubapristi , amadodana ka -Aroni, uthi kubo: Makungabikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo, 2 ngaphandle kwezihlobo ezinyamanye naye , okungukuthi unina , noyise, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe, nomfowabo, 3 nodadewabo, intombi eseduze naye, engenandoda; angazingcolisa ngaye. 4 Akayikuzingcolisa, eyisikhulu phakathi kwabantu bakubo , ukuze azihlambalaze. 5 Abayikuzigega amakhanda abo , bangasiphuculi isilevu emaceleni , bangazigcabi emzimbeni. 6 Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo , bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo , ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova , isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele. 7 Angathathi ow esifazane oyisifebe nowonakeleyo , angathathi owesifazane olahliwe yindoda yakhe, ngokuba ungcwele kuNkulunkulu wakhe. 8 Ngalokho uyakumngcwelisa , ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; uyakuba ngcwele kuwe , ngokuba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele. 9 Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba , iyamhlambalaza noyise; yoshiswa ngomlilo. 10 Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo , kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba , nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe, 11 angangeni nakumuphi umuntu ofileyo , angazingcolisi ngoyise noma ngonina, 12 futhi angaphumi endlini engcwele , angahlambalazi indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe; ngokuba umqhele wamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe uphezu kwakhe; nginguJehova. 13 Wothatha umfazi oseyintombi. 14 Umfelokazi noma umfazi olahliweyo noma owesifazane owonakelyo , isifebe, laba akayikubathatha , kepha uyakuthatha intombi yabantu bakubo ibe ngumkakhe. 15 Akayikuhlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakhe ; ngokuba nginguJehova oningcwelisayo. 16 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 17 Yisho ku -Aroni, uthi: U muntu wenzalo yakho ezizukulwaneni zayo oyisilima makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe. 18 Ngokuba umuntu oyisilima akayikusondela : impumputhe noma unyonga , noma onekhala eliyisicaba, noma ozitho zakhe zingalingene, 19 noma umuntu ononyawo olwaphukileyo, noma onesandla esaphukileyo, 20 noma onesifumbu, noma oyisichwe, noma onomlanga esweni lakhe , noma onesithembuzane, noma onomuna, noma oyisilima ngamasende; 21 akungabikho muntu wenzalo ka -Aroni umpristi oyisilima oyakusondela ukunikela ngeminikelo yomlilo kaJehova ; uyisilima; makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe. 22 Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele. 23 Kuphela akayikungena kuso isihenqo , futhi angasondeli e -altare, ngokuba uyisilima, ukuze angahlambalazi izindlu zami ezingcwele , ngokuba nginguJehova obangcwelisayo. 24 UMose wakhuluma lokho ku -Aroni, nakumadodana akhe , nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.