ULevitikusi Chapter 24
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
Yala abantwana bakwa -Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.
3
Ngaphandle kwesihenqo sobufakazi etendeni lokuhlangana u -Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaJehova , aqale kusihlwa kuze kuse ; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu,
4
alungise njalo izibani othini olucwengekileyo phambi kukaJehova. Imithetho yezinkwa zokubukwa
5
Wothabatha impuphu ecolekileyo , upheke ngayo amaqebelengwane ayishumi nambili, iqebelengwane linye libe nokweshumi okubili.
6
Wowabeka izinqwaba ezimbili , ayisithupha abe senqwabeni inye etafuleni elicwengekileyo phambi kukaJehova.
7
Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili , ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova.
8
Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo ; kungenxa yabantwana bakwa-Israyeli, kuyisivumelwano esiphakade.
9
Ziyakuba ngezika-Aroni nezamadodana akhe , bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele , zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade. Isijeziso sohlambalaza uNkulunkulu
10
Indodana yowesifazane wakwa -Israyeli, uyise wayo engowaseGibithe , yaphuma yaya phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli; indodana yowesifazane wakwa-Israyeli nomuntu wakwa-Israyeli baxabana ekamu;
11
indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yahlambalaza iGama , yathuka; yalethwa kuMose . Igama likanina lalinguShelomiti indodakazi kaDibiri , owesizwe sakwaDani.
12
Bayifaka etilongweni ukuba batshelwe ngomlomo kaJehova.
13
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
14
Mkhiphele ngaphandle kwekamu lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe , inhlangano yonke imkhande ngamatshe.
15
Uyakukhuluma kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Yilowo nalowo oqalekisa uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe.
16
Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa n okubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe ; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya , nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa. Imithetho yezijeziso
17
Oshaya umuntu aze afe wobulawa nokubulawa.
18
Oshaya inkomo ize ife uyakuyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila.
19
Uma umuntu elimaza umakhelwane wakhe , njengalokho enzile yena kuyakwenziwa kanjalo kuye,
20
kube ngukwaphuka ngokwaphuka , neso ngeso , nezinyo ngezinyo ; njengalokho elimazile umuntu, kanjalo kuyakwenziwa kuye.
21
Obulala inkomo woyikhokha; obulala umuntu wobulawa.
22
Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya ; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.
23
UMose wakhuluma-ke kubantwana bakwa-Israyeli; bamkhiphela othukileyo ngaphandle kwekamu , bamkhanda ngamatshe . Abantwana bakwa -Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.