Skip to Content

ULevitikusi Chapter 25

1 UJehova wakhuluma kuMose entabeni yaseSinayi, wathi: 2 Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: Nxa nifika ezweni engininika lona, izwe liyakumgcinela uJehova isabatha. 3 Iminyaka eyisithupha uyakulima insimu yakho , iminyaka eyisithupha uyakuthena isivini sakho, ubuthe izithelo zaso, 4 kepha ngomnyaka wesikhombisa kuyakuba khona isabatha lokuphumula okuzothileyo kwezwe , isabatha kuye uJehova ; awuyikulima insimu ya kho, ungatheni isivini sakho. 5 Amakhikhizela esivuno sakho awuyikuwavuna , nezithelo zomvini wakho ongatheniwe awuyikuzikha ; kuyakuba ngumnyaka wokuphumula okuzothileyo kwezwe. 6 Isabatha lezwe liyakuba ngukudla kwenu , okwakho nokwenceku yakho nokwencekukazi yakho nokomqashwa wakho nokomfokazi wakho ogogobeleyo kuwe; 7 nakuzo izinkomo zakho nezilwane ezisezweni konke ukuthela kwalo kuyakuba ngukudla. 8 Uyakuzibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka , iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa , kube kuwe izin suku zamasabatha ayisikhombisa eminyaka , kube yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye. 9 Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini. 10 Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu , nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo ; kuyakuba yijubili kini, nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe , nibuyele, kube yilowo nalowo kwabomndeni wakhe. 11 Lo mnyaka wamashumi ayisihlanu uyaku ba yijubili kini ; aniyikulima, ningavuni amakhikhizela awo, ningakhi ngawo ezomvini ongatheniwe. 12 Ngokuba uyijubili; uyakuba ngcwele kini, nidle izithelo zawo zasensimini. 13 Ngalowo mnyaka wejubili niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe. 14 Uma uth engisa ngotho kumakhelwane wakho noma uthenga esandleni somakhelwane wakho, ningadlani; 15 njengenani leminyaka esemva kwejubili uyakuthenga kumakhelwane wakho nanjengenani leminyaka yezithelo uyakuthengisa kuwe. 16 Ngobuningi beminyaka uyakwandisa intengo y alo nangobuncane beminyaka uyakunciphisa intengo yalo ; ngokuba uthengisa kuwe ngenani lezithelo. 17 Aniyikudlana, kepha uyakwesaba uNkulunkulu wakho , ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho. 18 Ngalokho anozenza izimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, nihlale ezweni nilondekile. 19 Izwe liyakuthela izithelo zalo, nidle nisuthe, nihlale kulo nilondekile. 20 Uma nisho ukuthi : Siyakudlani ngomnyaka wesikhombisa ? Bheka, asiyikulima, asiyikubutha ukudla kwethu, 21 khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele ph ezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu. 22 Niyakulima ngomnyaka wesishiyagalombili , nidle izithelo zikanyasa ; uze ufike umnyaka wesishiyagalolunye, kungene izithelo zawo, niyakudla unyasa. 23 Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kub e phakade, ngokuba izwe lingelami , nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi. 24 Ezweni lonke lefa lenu niyakuvuma ukuhlengwa kwezwe. 25 Uma umfowenu eba mpofu , athengise ngefa lakhe , kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo. 26 Uma umuntu engenaye ongalihlenga , kodwa ebeseba ngocebileyo , athole okwanele ukulihlenga, 27 makabale iminyaka selokhu kwathengiswa ngalo , abuyisele okudluleleyo kulowo muntu athengisa kuye ngalo, aze abuyele efeni lakhe. 28 Uma engatholi amandla okuzibuyisele la lona , lelo athengise ngalo liyakusala esandleni solithengileyo , uze ufike umnyaka wejubili ; ngejubili liyakuphuma, yena abuyele efeni lakhe. 29 Uma umuntu ethengisa ngendlu yokuhlala emzini onogange , angayihlenga ungakapheli umnyaka selokhu wathengisa n gayo, ngokuba umnyaka wonke uyakuba nelungelo lokuyihlenga. 30 Uma ingahlengwanga umnyaka usuphelile , leyo ndlu esemzini onogange iyakuqiniswa ibe ngeyakhe owayithenga kuze kube phakade ezizukulwaneni zakhe; ayiyikuphuma ngejubili. 31 Kepha izindlu zemizana engenalugange nxazonke ziyakubalwa kanye namasimu asemaphandleni; zingahlengwa, ziphume ngejubili. 32 Kodwa imizi yamaLevi , izindlu zemizi yefa lawo amaLevi angazihlenga noma nini. 33 Uma umLevi engahlengi , indlu okwathengiswa ngayo nomuzi wefa lakhe kuyakuphuma ngejubili, ngokuba izindlu zemizi yamaLevi ziyifa lawo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli. 34 Izwe lamadlelo emizi yawo akunakuthengiswa ngalo , ngokuba liyifa lawo kuze kube phakade. 35 Uma umfowenu eba mpofu, engenamandla okukukhokhela, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobeleyo. 36 Ungathathi kuye inzalo engafanele nenzuzo , kepha wesabe uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe. 37 Awuyikumnika imali yakho ngenzalo , ungamuphi ukudla kwakho ngenzuzo. 38 NginguJehova uNkulunkulu wenu owani khipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe nguNkulunkulu wenu. 39 Uma umfowenu eba mpofu ekuwe , azithengise kuwe, awuyikumsebenzisa njengesigqila, 40 kepha abe njengomqashwa nogogobeleyo kuwe ; uyakusebenza kuwe kuze kufike umnyaka wejubili, 41 andukuba aphume kuwe , yena nabantwana bakhe kanye naye , abuyele kwabomndeni wakhe, abuyele nasefeni lawoyise. 42 Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe ; akuyikuthengiswa ngazo zibe yizigqila. 43 Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe , kepha wesabe uNkulunkulu wakho. 44 Izigqila zakho nezigqilakazi zakho oyakuba nazo : niyakuzithenga izigqila nezigqilakazi kwabezizwe abanizungezayo. 45 Futhi kubantwana babafokazi abagogobeleyo kini , kubona niyakuthenga nakwabomndeni wabo abakini ababazalile ezweni lakini, babe yifa lenu. 46 Niyakubenza ifa labantwana benu emva kwenu ukuba babe yifa labo ; niyakuthatha kubo izigqila zenu kuze kube phakade ; kepha aniyikubusa kalukhuni phezu kwabafowenu, abantwana bakwa -Israyeli, omunye phezu komunye. 47 Uma umfokazi noma ogogobeleyo kuwe eba ngocebileyo , umfowenu abe mpofu kuye , azithengise kumfokazi noma kogogobeleyo kuwe noma kowohlanga lwabomndeni wabafokazi, 48 angahlengwa nxa sekuthengisiwe ngaye ; omunye wabafowabo angamhlenga; 49 noma uyisekazi noma indodana kay isekazi angamhlenga ; noma omunye owakubo owabomndeni wakhe angamhlenga ; noma eba ngocebileyo , angazihlenga yena. 50 Uyakubalisana nalowo owamthengayo , aqale ngomnyaka owazithengisa kuye ngawo , kuze kube ngumnyaka wejubili ; imali yentengiso iyakuba njengenani leminyaka; uyakuba naye njengesikhathi somqashwa. 51 Uma isasele iminyaka eminingi , njengayo uyakubuyisa intengo yokuhlengwa kwakhe emalini athengwa ngayo. 52 Uma isasele iminyaka eyingcosana kuze kufike umnyaka wejubili , uyakubalisana naye; njengeminyaka yakhe uyakubuyisa imali yokuhlengwa kwakhe. 53 Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba naye ; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho. 54 Uma engahlengwanga ngalezo zindlela, uyakuphuma ngomnyaka wejubili, yena nabantwana bakhe kanye naye. 55 Ngokuba abantwana bakwa -Israyeli bayizinceku kimi ; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.