UMalaki Isahluko 1
1
Isiprofetho. Izwi likaJehova ku-Israyeli ngesandla sikaMalaki.
2
Nginithandile, usho uJehova. Nokho nithi: Usithande kanjani na? U-Esawu akasiye umfowabo kaJakobe na? usho uJehova. Ngamthanda uJakobe,
3
kepha u-Esawu ngamzonda, ngenza izintaba zakhe incithakalo , nefa lakhe ngalinika amakhanka asehlane.
4
Uma u-Edomi ethi: Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo , usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi , nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade.
5
Amehlo enu ayakukubona , bese nithi : U Jehova uyakuba mkhulu , kudlule nasemkhawulweni ka-Israyeli. UJehova uyadelelwa
6
Indodana idumisa uyise , nenceku inkosi yayo ; uma ngingu yise, kuphi ukudunyiswa kwami ? Uma ngiyinkosi , kuphi ukwesatshwa kwami ? usho uJehova Sebawoti , kinina bapristi enilidelela igama lami . Nokho nithi : Silidelele kanjani igama lakho na?
7
Ngokunikela ngesinkwa esingcolileyo e-altare lami. Bese nithi: Sikungcolise ngani na? Ngokusho kwenu ukuthi: Itafula likaJehova lidelelekile.
8
Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo , akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo , akukubi na ? Mawusisondeze kumbusi wakho ; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na? usho uJehova Sebawoti.
9
Manje ake ninxuse kuNkulunkulu ukuba abe nomusa kithi ; njengokuba ninokunjalo ezandleni zenu, uyakunamukela na? usho uJehova Sebawoti.
10
Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha , ukuze ningabaseli ize e -altare lami ! Angithokozi ngani , usho uJehova Sebawoti , angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu.
11
Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe ; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo , ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe, usho uJehova Sebawoti.
12
Kepha niyalihlambalaza ngokusho kwenu ukuthi: Itafula leNkosi lingcolile lona, nesithelo salo, ukudla kwalo, sidelelekile.
13
Nisho futhi ukuthi : Bheka ukuhlupheka ! bese nilincimfela , usho uJehova Sebawoti, niletha okuthathwe ngobudlova , nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na ? usho uJehova.
14
Makaqalekiswe okhohlisayo , okukhona emhlambini wakhe i duna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo ; ngokuba ngiyinkosi enkulu , usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.