Skip to Content

UMalaki Chapter 2

1 Manje lo myalo ungowenu bapristi. 2 Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova Sebawoti , ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni. 3 Bhekani, ngiyakusongela inzalo yenu ngenxa yenu , ngithele umquba ebusweni benu, umquba wemikhosi yenu, nisuselwe kuwo. 4 Niyakwazi ukuthi ngithumile kini lo myalo ukuba isivumelwano sami noLevi sime, usho uJehova Sebawoti. 5 Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika khona ukuba esabe; wangesaba, waphela amandla phambi kwegama lami. 6 Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe , nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe ; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho , wabuyisa abaningi ebubini. 7 Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi , kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti. 8 Kepha nichezukile endleleni , nikhubekisile abaningi emthethweni ; nisonakalisile isivumelwano sikaLevi, usho uJehova Sebawoti. 9 Ngalokho mina nginenzile naba ngabadelelekileyo nabathotshisiweyo phambi kwabantu bonke njengokuba ningazigcinanga izindlela zami , kepha nikhethe ubuso emthethweni. 10 Asinaye ubaba munye thina sonke ? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube yilowo nomfowabo , sisingcolisa isivumelwano sawobaba na? 11 UJuda ukhohlisile , isinengiso senziwe kw a-Israyeli naseJerusalema , ngokuba uJuda uyingcolisile indlu engcwele kaJehova ayithandayo , waganwa yindodakazi kankulunkulu wabezizwe. 12 UJehova makanqume kumuntu owenza lokhu ufakazi nophendulayo ematendeni akwaJakobe kanye noletha umnikelo kuJehova Sebawoti. 13 Ngokwesibili niyakwenza nalokhu : nisibekela i -altare likaJehova ngezinyembezi, nangokukhala, nangokububula, angabe esayinakekela iminikelo, ingabe isamukeleka esandleni senu. 14 Bese nithi -ke: Ngani na ? Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho omkhohlisile wena , noma engumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho. 15 AkusiMunye osenzileyo , okusele kuye umoya wethu na ? Ufunani lo Munye? Inzalo kaNkulunkulu . Ngalokho qaphelani umoya wenu uk uba ningamkhohlisi umfazi wobusha benu. 16 Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana, usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho , usho uJehova Sebawoti . Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi. 17 Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu . Nokho nithi: Simkhathaze kanjani? Ngokusho ukuthi : Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova ; yena uthokoza ngabo, noma: Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?