Skip to Content

UMika Isahluko 5

1 Buthana ngamaviyo , ndodakazi yamaviyo ; usivimbezele, bayakumshaya umahluleli wakwa-Israyeli ngenduku esihlathini. 2 Kepha wena Betlehema Efra tha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe , ozakuba ngumbusi kwa - Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade. 3 Ngalokho bayakukhashelwa, bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli. 4 Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegam a likaJehova uNkulunkulu wakhe ; sebeyakuhlala, ngokuba uzakuba mkhul u kuze kube semajukujukwini omhlaba. 5 Ukuthula kuyakuba yilokhu : lapho umAsiriya engena ezweni lakithi , anyathele ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili. 6 Bayakuchitha izwe lase -Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo, asophule kumAsiriya, lapho engena ezweni lakithi , nalapho enyathela emikhawulweni yethu. 7 Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaning i njengamazolo avela kuJehova, ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu, zingahlaleli abantwana babantu. 8 Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe , phakathi kwabantu abaningi, njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini , njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu , elithi lapho lidabula , linyathele, lidwengule, kungekho owophulayo. 9 Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho , zinqunywe zonke izitha zakho. 10 Kuyakuthi ngal olo suku , usho uJehova , nginqume amahhashi akho phakathi kwakho, ngichithe izinqola zakho, 11 ngiyinqume imizi yasezweni lakho, ngizidilize zonke izinqaba zakho. 12 Ngiyakunquma ukulumba esandleni sakho , kungabe kusabakho kuwe abahlola imihlola. 13 Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziwey o nezinsika zakho phakathi kwakho, ungabe usakhonza imisebenzi yezandla zakho. 14 Ngiyakubasiphula o -Ashera bakho phakathi kwakho , ngiyichithe imizi yakho. 15 Ngiyakwenza impindiselo ngentukuthelo nangokufuthek a kuzo izizwe ezingalalelanga.