UMika Chapter 6
1
Ake nizwe akushoyo uJehova , ethi: Suka ulwe phambi kwezintaba , uzwise amagquma izwi lakho.
2
Zwanini, zintaba, ukuphikisana kukaJehova , nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uJehova unokuphikis ana nabantu bakhe , uyakumelana nabo.
3
Bantu bami , ngenzeni kini ; kuyini enginikhathaze ngakho na ? Ngiphenduleni.
4
Nganikhuphula ezweni laseGibithe , nganihlenga endlini yezigqila , ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.
5
Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori , nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali , nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.
6
Ngiyakusondela kuJehova nginantoni , ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na? Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa, nginamathole amnyaka munye, na?
7
UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqam a nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na ? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?
8
Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe , kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa , uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?
9
Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi . Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa; zwanini induku noyimisileyo.
10
Kusekhona inzuzo embi endlini yababi, ne-efa elincane eliqalekiswayo, na?
11
Ukhona ohlanzekile onesilinganiso esib i nesikhwama sezisindo ezikhohlisayo na?
12
Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova , nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.
13
Ngalokho mina ngiyakugulisa ngokushaya , ngikuchithe ngenxa yezono zakho.
14
Lapho udlayo , awuyikusutha, kube khona ukulamba phakathi kwakho ; uyakususa, ungakhululi kodwa , nokukhululayo ngiyakukukhaphela enkembeni.
15
Uyakutshala, ungavuni kodwa ; uyakunyathela iminqumo , ungazigcobi kodwa ngamafutha, nezithelo zomvini, ungaliphuzi nokho iwayini.
16
Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.