UMika Chapter 7
1
Maye kimi ! Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo , njengokukhothozwa komvini ; akukho hlukuzo lokudliwa; umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho.
2
Abathembekileyo babhubhile emhlabeni , akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi ; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.
3
Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo , umahluleli ubhe ka umvuzo ; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.
4
Omuhle wabo unjengobobe , olungileyo mubi kunothango lwameva ; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile ; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.
5
Ningamethembi umngane , ningakholwa ngumhlobo ; gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho.
6
Ngokuba indodana idelela uyise ; indodakazi ivukela unina ; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.
7
Kepha mina ngiyakumbheka uJehova ; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.
8
Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile , ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.
9
Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova , ngokuba ngonile kuye , aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa , angiphumisele ekukhanyeni , ngibone ukulunga kwakhe.
10
Isitha sami siyakukubona , sisitshekelwe ngamahloni , esona besithi kimi : Uphi uJehova uNkulunkulu wakho ? Amehlo ami ayakusibona ; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.
11
Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho ; ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.
12
Ngalolo suku bayakufika kuw e bevela e -Asiriya nasemizini yaseGibithe , kusukela eGibithe kuze kube seMfuleni , kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela entabeni kuze kube sentabeni.
13
Kepha izwe liyakuba yincithakalo ngenxa yabakhileyo kulo ngezenzo zabo.
14
Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakh o ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli ; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.
15
Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibith e ngiyakubabonisa izimangaliso.
16
Abezizwe bayakubona , babe namahloni ngamandla abo onke , babeke isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo zibe yizithulu.
17
Bayakukhotha uthuli njengenyoka , baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathin i ezindaweni zazo ezivalelweyo , bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu, besabe ngenxa yakho.
18
Ngubani onguNkulunkulu onjengaw e othethelela insali yefa lakho ubu bi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo , na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.
19
Uyakubuye asibekezelele , anyathele phansi ububi bethu ; yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle.
20
Uyakunika uJakobe ukuth embeka no -Abrahama umus a owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.