UNehemiya Chapter 2
1
Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka - Aritahishashita inkosi , iwayini liphambi kwakhe , ngaliphakamisa iwayini , ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo.
2
Inkosi yathi kimi : Ubuso bakho bubipheleni , lokhu ungaguli , na? Lokhu kungukudabuka kwenhliziyo kuphela. Ngase ngesaba kakhulu.
3
Ngathi enkosini: Mayime njalo inkosi; ubuso bami bungebiphe ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba , uchithekile n amasango awo eshiswe ngomlilo, na?
4
Yayisithi inkosi kimi : Ukhala ngani ? Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.
5
Ngathi enkosini: Uma kukuhle enkosini , uma inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho , ungivumele ukuba ngiye kwaJuda emzini wamathuna awobaba ukuba ngiwuvuse.
6
Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani , nokubuya kuyakuba nini na ? Kwaba kuhle -ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile.
7
Futhi ngathi enkosini : Uma kukuh le enkosini , manginikwe izincwadi kubabusi phesheya koMfula , ukuze bavume ukuba ngidlule ngize ngifike kwaJuda,
8
kanye nencwadi ku -Asafa umlindihlathi lenkosi ukuba anginike imithi yemishayo yamasango enqaba ehlangene nethempeli , neyongange lomuzi , neyendlu engiyakungena kuyo . Inkosi yanginika lokhu ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami esasiphezu kwami.
9
Ngase ngifika kubabusi phesheya koMfula , ngabanika izincwadi zenkosi . Inkosi yayithume nami izinduna zempi nabamahhashi.
10
Kepha lapho umHoroni , uSanibalati, noThobiya inceku yakwa -Amoni sebezwile lokho , kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.
11
Ngase ngifika eJerusalema, ngahlala khona izinsuku ezintathu.
12
Ngavuka ebusuku , mina nabantu abathile abayingcosana ; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema; futhi kwakungekho silwane nami ngaphandle kwesilwane engangikhwele kuso.
13
Ngaphuma ngeSango Lesigodi ebusuku , ngaya eMthonjeni kaDrako naseSangweni Lomquba, ngabuka izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo.
14
Ngase ngikhuphukela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi , kepha kwakungekho ndawo yokuba kudlule isilwane engangiphezu kwaso.
15
Ngangikhuphula umfudlana ebusuku , ngabuka ugange , ngaphenduka, ngangena ngeSango Lesigodi, ngaphindela emuva.
16
Ababusi babengazi lapho ngangiye khona nengikwenzileyo ; futhi ngangingakabatsheli abaJuda , nabapristi, nabakhulu, nababusi, nabanye ababewenza umsebenzi.
17
Kepha ngase ngithi kubo : Niyayibona inhlupheko esikuyona , lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo ; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.
18
Ngabatshela ngesandla sikaNkulunkulu wami esasisihle phezu kwami , nangamazwi enkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: Masisuke sakhe, beqinisela izandla zabo lowo msebenzi.
19
Kepha lapho uSanebalati , umHoroni, noThobiya inceku yakwa -Amoni, noGeshemi wase -Arabiya bezwa lokho , basihleka usulu , basidelela, bathi: Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?
20
Ngase ngibabuyisela amazwi , ngathi kubo : UNkulunkulu wezulu uyakusiphumelelisa; ngalokho thina zinceku zakhe siyakusuka sakhe, kepha nina aninasabelo, nalungelo, nasikhumbuzo eJerusalema.