UNehemiya Chapter 3
1
Kwasuka u -Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi , balakha iSango Lezimvu , balingcwelisa, bamisa izivalo zalo , yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa , kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli.
2
Eceleni kwakhe kwakha abantu bas eJeriko, naseceleni kwabo kwakha uZakuri indodana ka-Imri.
3
ISango Lezinhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHas enawa; abeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.
4
Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti , indodana ka -Uriya kaHakhosi . Eceleni kwabo kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya kaMeshezabeli. Eceleni kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaBahana.
5
Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa , kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo.
6
ISango Elidala lalungiswa nguJoyada indodana kaPhaseya nanguMeshulamu indodana kaBesodeya , babeka imishayo yalo , bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.
7
Eceleni kwabo kwalungisa uMelathiya waseGibeyoni , noJadoni waseMeronoti, amadoda aseGibeyoni naseMispa , phansi kwesihlalo sombusi phesheya koMfula.
8
Eceleni kwabo kwalungisa u -Uziyeli indodana kaHarihaya wabakhandi begolide. Eceleni kwakhe kwalungisa uHananiya wabathaki . Baliyeka iJerusalema kwaze kwaba soGangeni Olubanzi.
9
Eceleni kwabo kwalungisa uRefaya indodan a kaHure , umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema.
10
Eceleni kwakhe kwalungisa uJedaya indodana kaHarumafi malungana nendlu yakhe . Eceleni kwakhe kwalungisa uHathushi indodana kaHashabineya.
11
UMalikhiya, indodana kaHarimi, noHashubi, indodana kaPhahati M owabi, balungisa elinye ibanga noMbhoshongo Wamaziko.
12
Eceleni kwabo kwalungisa uShalumi indodana kaHaloheshi , umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema, yena namadodakazi akhe.
13
ISango Lesigodi lalungiswa nguHanuni nabakhe eZanowa ; balakha, bamisa izivalo zalo nezihluthelelo zalo nemigoqo yalo , nezingalo eziyinkulungwane zogange kwaze kwaba seSangweni Lomquba.
14
ISango Lomquba lalungiswa nguMalikhiya , indodana kaRekabi , umbusi wesifunda saseBeti Hakeremi ; walakha, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.
15
ISango Lomthombo lalungiswa nguShaluni, indodana kaKholi Hoze, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walifulela, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo , nogange lwaseChibini laseShela ngasensimini yenkosi , kwaze kwaba sezikhwelweni ezehla emzini kaDavide.
16
Emva kwakhe kwalungisa uNehemiya indodana ka -Azibuki, umbusi wenxenye yesifunda saseBeti Suri , kwaze kwaba sendaweni malungana namathuna kaDavide, nasechibini elimbiweyo, naseNdlini Yamaqhawe.
17
Emva kwakhe kwalungisa amaLev i, uRehumi indodana kaBani . Eceleni kwakhe kwalungisa uHashabiya , umbusi wenxenye yesifunda saseKeyila esifundeni sakhe.
18
Emva kwakhe kwalungisa abafowabo , uBavayi indodana kaHenadadi , umbusi wenxenye yesifunda saseKeyila.
19
Eceleni kwakhe kwalungisa u -Ezeri indodana kaJeshuwa, umbusi waseMispa, elinye ibanga malungana nommango oya endlini yezikhali eNqutshini.
20
Emva kwakhe kwalungisa nokulungisa uBaruki indodana kaZabayi elinye ibanga, kusukela eNqutshini kuze kube semnyango wendlu ka -Eliyashibi umpristi omkhulu.
21
Emva kwakhe kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi, elinye ibanga, kusukela emnyango wendlu ka -Eliyashibi kuze kube sekugcineni kwendlu ka-Eliyashibi.
22
Emva kwakhe kwalungisa abapristi, abantu basethafeni.
23
Emva kwabo kwalungisa oB enjamini noHashubi malungana nendlu yabo . Emva kwabo kwalungisa u-Azariya indodana kaMahaseya ka-Ananiya eceleni kwendlu yakhe.
24
Emva kwakhe kwalungisa uBinuwi indodana kaHenadadi elinye ibanga , kusukela endlini ka-Azariya kuze kube seNqutshini, kuze kube naseGumbini.
25
UPhalali, indodana ka -Uzayi, wayemalungana neNqubu nombhoshongo ophumeleleyo endlini yenkosi engasenhla ngasegcekeni letilongo . Emva kwakhe nguPhedaya indodana kaPharoshi.
26
AmaNethini ayehlezi e -Ofeli kwaze kwaba sendaweni malungana neSan go Lamanzi ngasempumalanga nombhoshongo ophumeleleyo.
27
Emva kwakhe kwalungisa abaseThekhowa elinye ibanga malungana nombhoshongo omkhulu ophumeleleyo kwaze kwaba sogangeni lwase-Ofeli.
28
Phezu kweSango Lehhashi kwalungisa abapristi , kwaba yilowo nalowo malungana nendlu yakhe.
29
Emva kwabo kwalungisa uSadoki indodana ka -Imeri malungana nendlu yakhe. Emva kwakhe kwalungisa uShemaya indodana kaShekaniya , umlindi weSango langaseMpumalanga.
30
Emva kwakhe kwalungisa uHananiya , indodana kaShelemiya , noHanuni, indodana yesithupha kaSalfi , elinye ibanga . Emva kwakhe kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya malungana nekamelo lakhe.
31
Emva kwakhe kwalungisa uMalikhiya , omunye wabakhandi begolide , kwaze kwaba sendlini yamaNethini neyabathengi malungana neSango Lokubala, kwaze kwaba nasekamelweni eliphezulu laseGumbini.
32
Phakathi kwekamelo eliphezulu laseGumbini neSango Lezimvu kwalungisa abakhandi begolide nabathengi.