UNumeri Chapter 10
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
Uzenzele amacilongo amabili esiliva , uwenze ngom sebenzi okhandiweyo , uwasebenzise ekubizeni inhlangano nasekusukeni kwamakamu.
3
Nxa bewabetha , yonke inhlangano iyakubuthana kuwe ngasemnyango wetende lokuhlangana.
4
Uma bebetha elilodwa, izikhulu, izinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe.
5
Nxa nihlaba umkhosi , amakamu asohlangothini lwasempumalanga ayakusuka.
6
Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili , amakamu asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo.
7
Kepha lapho liyakubuthwa ibandla , niyakubetha, ningahlabi umkhosi kodwa.
8
Amadodana ka -Aroni, abapristi, ayakubetha amacilongo ; kuyakuba kini isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
9
Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo , khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo , nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.
10
Nangezinsuku zokuthokoza kwenu , nangemikhosi emisiweyo , nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu ; nginguJehova uNkulunkulu wenu. Abakwa-Israyeli basuka eSinayi
11
Kwathi ngomnyaka wesibili ngeny anga yesibili ngolwamashumi amabili lwenyanga ifu lenyuswa etabernakele lobufakazi.
12
Abantwana bakwa -Israyeli basu ka ehlane laseSinayi amabanga ngamabanga; ifu lema ehlane lasePharanu.
13
Ngokokuqala basuka ngokwesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
14
Kuqala lasuka ibhanela lekamu labantwana bakwaJuda ngamabandla abo ; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba wayephezu kwalelo bandla.
15
Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa -Isakare kwakunguNethaneli indodana kaSuwari.
16
Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaZebuloni kwakungu -Eliyabe indodana kaHeloni.
17
Itabernakele lasuswa; amadodana kaGereshoni namadodana kaMerari asuka elithwala itabernakele.
18
Lase lisuka ibhanela lekamu likaRubeni ngamabandla abo ; phezu kwalelo bandla kwakungu-Elisuri indodana kaShedewuri.
19
Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni kwakunguShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
20
Phezu kwebandl a lesizwe sabantwana bakwaGadi kwakungu -Eliyasafa indodana kaDehuweli.
21
Kwase kusuka amaKohati ethwala izinto ezingcwele; itabernakele lamiswa, wona engakafiki.
22
Lase lisuka ibhanela lekamu labantwana bakwa-Efrayimi ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Elishama indodana ka-Amihudi.
23
Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaManase kwakunguGamaliyeli indodana kaPedasuri.
24
Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaBenjamini kwakungu -Abidani indodana kaGideyoni.
25
Lase lisuka ibhanela lekamu labant wana bakwaDani elalisemva kwawo onke amakamu ngamabandla abo ; phezu kwebandla lakhe kwakungu - Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
26
Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa -Asheri kwakunguPagiyeli indodana ka-Okirani.
27
Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakw aNafetali kwakungu -Ahira indodana ka-Enani.
28
Abantwana bakwa-Israyeli bahamba ngokulandelana kanjalo ngamabandla abo; base besuka-ke. Ukululekana noHobabi
29
UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli wakwaMidiyani , umukhwe kaMose: Siya endaweni ashilo ngay o uJehova , wathi: Ngiyakuninika yona. Woza wena , uhambe nathi , siyakukwenzela okuhle , ngokuba uJehova ukhulumile okuhle ngo-Israyeli.
30
Wathi kuye : Angiyikuhamba; kepha ngiyakusuka , ngiye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami.
31
Kepha wathi: Ake ungasishiyi; njengokuba uyazi ukuthi siyakumisa kanjani ehlane, uyakuba ngamehlo ethu.
32
Kuyakuthi uma uhamba nathi , yebo, kwenzeke ukuthi , noma yikuphi okuhle uJehova asenzela khona, khona lokho uyakukwenzela nawe.
33
Basuka entabeni kaJehova , bahamba ibanga lezinsuku ezintathu; umphongolo wesivumelwano sikaJehova wahamba phambi kwabo ibanga lezinsuku ezintathu ukubafunela indawo yokuphumula.
34
Ifu likaJehova laliphezu kwabo emini, lapho besuka ekamu. Umkhuleko kaMose
35
Kwathi ekusukeni komphongolo uMose washo wathi : Vuka, Jehova; mazihlakazeke izitha zakho; abakuzondayo mababaleke ebusweni bakho.
36
Ekumeni kwawo wathi : Buyela, Jehova, emindenini eyizinkulungwane zakwa-Israyeli.