UNumeri Chapter 9
1
UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi:
2
Futhi abantwana bakwa -Israyeli bayakugcina iphasika ngesikhathi salo esinqunyiweyo.
3
Ngosuku lweshumi nane lwaleyo nyanga ngakusihlwa niyakul igcina ngesikhathi salo esinqunyiweyo ; ngokwezimiso zalo zonke nangokwemithetho yalo anoligcina.
4
UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi bolenza iphasika.
5
Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi ; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.
6
Kwakukhona amadoda athile ayengcolisiwe yisidumbu somuntu , engenakulenza iphasika ngalolo suku; eza phambi kukaMose naphambi kuka- Aroni ngalowo muhla.
7
Lawo madoda at hi kuye : Singcolisiwe yisidumbu somuntu ; sivinjelelwani ukunikela ngomnikelo kaJehova ngesikhathi sawo esinqunyiweyo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli na?
8
UMose wathi kuwo : Yimani ukuba ngizwe ukuthi uJehova uyakuyalani ngani.
9
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
10
Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: U ma umuntu wakini noma owezizukulwane zenu engcoliswa yisidumbu noma esekuhambeni , ekude, uyakulenza nokho iphasika kuJehova;
11
ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza ; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo;
12
abayikushiya lutho kuze kube sekuseni , bangaphuli thambo lalo ; ngokwezimiso zonke zephasika bayakulenza.
13
Kepha umuntu ohlambulukileyo , engekho ekuhambeni , oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo , ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo ; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.
14
Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu , ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo , uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni. Ifu elaliphezu kwetabernakele*
15
Ngosuku itabernakele elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele , itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.
16
Kwakunjalo ngesikhathi sonke : ifu lalisibekela , kwabonakala umlilo ebusuku.
17
Nalapho ifu lenyuswa etendeni , base behamba abantwana bakwa -Israyeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona.
18
Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwa-Israyeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa ; ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetabernakele bahlala ekamu.
19
Nalapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi , abantwana bakwa-Israyeli bagcina isiyalezo sikaJehova, abahambanga.
20
Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu , nangesiyalezo sikaJehova bahamba.
21
Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni ; nalapho ifu lenyuswa ekusen i, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini , bahamba lapho ifu lenyuswa.
22
Noma kwakuyizinsuku ezimbili , noma inyanga , noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele , abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu, abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.
23
Ngesiyalezo sikaJehova bamisa , nangesiyalezo sikaJehova bahamba ; bagcina inkonzo kaJehova ngesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.