Skip to Content

UNumeri Chapter 12

1 OMiriyamu no -Aroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile; ngokube wayethathile owesifazane wakwaKushe. 2 Bathi: Imbala uJehova ukhulumile kuMose kuphela na ? Akakhulumanga nakithi na? UJehova wakuzwa. 3 Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba. 4 UJehova wayesekhuluma ngokuzumayo kuMose naku -Aroni nakuMiriyamu, wathi: Wozani nina nobathathu etendeni lokuhlangana. Baphuma bobathathu. 5 UJehova w ehla esensikeni yefu , wema ngasemnyango wetende , wabiza o - Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili. 6 Wayesethi: Yizwani manje amazwi ami : uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho. 7 Inceku yami uMose akanjalo; uthembekile endlini yami yonke; 8 ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo ngokusobala , kungabi ngamazwi ayimfumbe; isimo sikaJehova uyakusibona ; anesabanga ngani ukukhuluma ngenceku yami uMose na? 9 Intukuthelo kaJehova yabavuthela; wayesemuka. 10 Ifu lasuka phezu kwetende ; bheka, uMiriyamu wayesenochoko , enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko. 11 U-Aroni wathi kuMose : O nkosi , ake ungabeki isono phezu kwethu ngalokho esikwenzile ngobuwula, nangalokho esone ngakho. 12 Ake anga bi njengofileyo , onyama yakhe idliwe inxenye , nxa ephuma esizalweni sikanina. 13 UMose wakhala kuJehova , wathi: O Nkulunkulu , mawumphulukise, ngiyakuncenga. 14 UJehova wathi kuMose : Uma uyise ebemkhafulele ebusweni , ubengebe namahloni izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa; ngasemva kwalokho uyakubuye angeniswe. 15 UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa ; abantu abahambanga, waze wabuyiswa uMiriyamu. 16 Ngasemuva abantu basuka eHaseroti, bamisa ehlane lasePharanu.