UNumeri Chapter 13
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
Thuma wena abantu ukuba bahlole izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa -Israyeli; uthume umuntu waleso naleso sizwe sawoyise , kube yilowo nalowo abe yinduna phakathi kwabo.
3
UMose wabathuma-ke besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova ; bonke babo babe ngabantu abayizinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.
4
Lawa angamagama abo : Owesizwe sakwaRubeni : uShamuwa indodana kaZakuri.
5
Owesizwe sakwaSimeyoni: uShafati indodana kaHori.
6
Owesizwe sakwaJuda: uKalebi indodana kaJefune.
7
Owesizwe sakwa-Isakare: u-Igali indodana kaJosefa.
8
Owesizwe sakwa-Efrayimi: uHosheya indodana kaNuni.
9
Owesizwe sakwaBenjamini: uPaliti indodana kaRafu.
10
Owesizwe sakwaZebuloni: uGadiyeli indodana kaSodi.
11
Owesizwe sakwaJosefa, owesizwe sakwaManase: uGadi indodana kaSusi.
12
Owesizwe sakwaDani: u-Amiyeli indodana kaGemali.
13
Owesizwe sakwa-Asheri: uSethuru indodana kaMikayeli.
14
Owesizwe sakwaNafetali: uNabi indodana kaVofisi.
15
Owesizwe sakwaGadi: uGewuweli indodana kaMaki.
16
Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuhlola izwe . UMose wambiza uHosheya indodana kaNuni ngokuthi uJoshuwa.
17
UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani , wathi kubo : Yenyukani ngalapha, niye ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,
18
nibone izwe ukuthi linjani , nabantu abakhe kulo ukuthi banamandla noma babuthakathaka, bayingcosana noma baningi yini,
19
nokuthi izwe abakhe kulo linjani , noma lihle noma libi , nokuthi imizi abahlala kuyo injani, noma ngamakamu noma yizinqaba,
20
nokuthi izwe linjani, noma livundile noma limpofu, noma linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe . Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.
21
Base behamba -ke, bahlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe ekuyeni ngaseHamati.
22
Benyukela ngaseningizimu , bafika eHebroni ; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.
23
Bafika esiGodini sase -Eshikoli, banquma khona igatsha elinehlukuzo lezithelo zomvini , balithwala ngothi phakathi kwababili , kanye namapomegranati namakhiwane.
24
Leyo ndawo yathiwa isiGodi sase -Eshikoli ngenxa yehlukuzo abantwana bakwa-Israyeli abalinquma khona.
25
Base bebuya ekuhloleni iz we ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane.
26
Baya bafika kuMose naku -Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi , babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.
27
Bamtshela bathi: Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.
28
Nokho abantu abakhe ezweni banamandla , imizi ibiyelwe , mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona.
29
U-Amaleki wakhile ezweni laseningizimu; amaHeti, namaJebusi, nama- Amori ahlala ezintabeni ; amaKhanani akhile ngaselwandle naseceleni kweJordani.
30
UKalebi wathulisa abantu phambi kukaMose , wathi: Masenyuke khona manje, silidle, ngokuba sinamandla okulinqoba.
31
Kepha amadoda ayenyuke naye athi: Asinakwenyuka, sihlasele labo bantu, ngokuba banamandla kunathi.
32
Base belandisa abantwana bakwa -Israyeli umbiko omubi ngezwe ababelihlolile, bathi: Izwe esilidabulile ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; bonke abantu esababona kulo bangabantu abajaheleyo.
33
Sabona khona iziqhwaga , amadodana ka -Anaki ayela eziqhwageni ; emehlweni ethu saba njengezintethe, saba njalo nasemehlweni abo.