Skip to Content

UNumeri Isahluko 17

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 Khuluma kubantwana bakwa -Israyeli, uthabathe kubo izintonga , ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise , kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise , izintonga eziyishumi nambili ; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe. 3 Uyakuloba igama lika -Aroni entongeni kaLevi , ngokuba kuyakuba yintonga inye kuleyo naleyo nhloko yezindlu zawoyise. 4 Uyakuzibekela etendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi , lapho ngihlangana khona nawe. 5 Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha , intonga yakhe ihlume , ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa -Israyeli abakhonona ngakho ngani. 6 UMose wakhuluma kubantwana bakwa -Israyeli, zonke izikhulu zamnika izintonga ngayinye kuleso naleso sikhulu njengezindlu zawoyise , izintonga eziyishumi nambili. 7 UMose wazibeka izintonga phambi kukaJehova etendeni lobufakazi. 8 Kwathi ngolwangakusasa uMose wangena etendeni lobufakazi ; bheka, intonga ka -Aroni yendlu kaLevi ibisihlum ile, ivezile imiqumbe , iqhakazile izimbali, ithele ama-alimondi avuthiweyo. 9 UMose wakhiphela bonke abantwana bakwa -Israyeli zonke izintonga ngaphambi kukaJehova, babheka, yilowo nalowo wathatha intonga yakhe. 10 UJehova wathi kuMose : Buyisa intonga ka -Aroni ngaphambi kobufakazi , igcinwe ibe luphawu kubahlubuki , ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi. 11 UMose wenze njalo; njengalokho uJehova emyalile, wenze njalo-ke. 12 Abantwana bakwa -Israyeli bakhuluma kuMose , bathi: Bheka, siyaphela, siyashabalala, sishabalala sonke. 13 Bonke abasondelayo abasondela etabernakele likaJehova bayakufa ; siyakuphela sonke na?