UNumeri Isahluko 18
1
UJehova wathi ku -Aroni: Wena namadodana akho nendlu kayihlo kanye nawe niyakuthwala ububi bendlu engcw ele; wena namadodana akho kanye nawe niyakuthwala ububi bobupristi benu.
2
Nabafowenu, isizwe sakwaLevi , isizwe sikayihlo , sondela nabo ukuba bahlanganiswe nawe , bakukhonze; kepha wena namadodana akho kanye nawe niyakuba ngaphambi kwetende lobufakazi.
3
Bayakugcina imfanelo yakho nenkonzo yetende lonke ; kodwa abayikusondela empahleni yendlu engcwele nase -altare, ukuze bangafi, nabo nani.
4
Bayakuhlanganiswa nawe , bagcine inkonzo yetende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wetende; umfokazi akayikusondela kuwe.
5
Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase -altare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantwana bakwa-Israyeli.
6
Bhekani, mina ngithabathe abafowenu amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; bayisipho kini , benikelwe kuJehova ukwenza umse benzi wetende lokuhlangana.
7
Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo ; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho ; umfokazi osondelayo wobulawa.
8
UJehova wakhuluma ku -Aroni, wathi: Bheka, mina ngikunike ukugcina iminikelo yami yokuphakanyiswa ; zonke izinto ezing cwelisiwe zabantwana bakwa-Israyeli ngikunikile zona wena namadodana akho ngenxa yokugcotshwa, kube yisimiso esiphakade.
9
Lokhu kuyakuba ngokwakho ezintweni ezin gcwelengcwele ezisale emlilweni: yonke iminikelo yabo , yonke iminikelo yabo yempuphu , nayo yonke iminikelo yabo yesono , nayo yonke iminikelo yabo yecala abanikela ngayo kimi iyakuba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.
10
Niyakudlela lokhu endaweni engcw elengcwele; bonke abesilisa bayakukudla; kuyakuba ngcwele kuwe.
11
Lokhu kungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo , nayo yonke iminikelo yokuzuliswa yabantwana bakwa -Israyeli; ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfa nelo ephakade; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.
12
Konke okuhle kwamanoni nakho konke okuhle kwewayini nokwamabele , ulibo lwalokho abanikela ngakho kuJehova ngikunikile khona.
13
Ulibo oluvuthwa kuqala lwakho konke okusezweni lakubo a baluletha kuJehova luyakuba ngolwakho ; yilowo nalowo ohlambulukileyo endl ini yakho uyakukudla.
14
Konke okwahlukanisiwe kwa-Israyeli kuyakuba ngokwakho.
15
Konke okuvula isizalo senyama yonke abanikela ngakho kuJehova , okomuntu nokwesilwane , kuyakuba ngokwa kho; nokho izibulo lomuntu wolihlenga ngempela, nezibulo lezilwane ezingcolileyo wolihlenga.
16
Okuhlengwayo kuyakuhlengwa kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho ngemali yamashekeli ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele elingamagera angamashumi amabili.
17
Kepha izibulo lenkomo , noma izibulo lemvu , noma izibulo lembuzi , awuyikulihlenga, lingcwele; uyakufafaza i -altare ngegazi lazo , ushise amanoni azo abe ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
18
Inyama yazo iyakuba ngeyakho ; njengesifuba sok uzuliswa nomlenze wokunene iyakuba ngeyakho.
19
Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwa -Israyeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade ; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.
20
UJehova wathi ku -Aroni: Awuyikuba nafa ezweni lakubo , futhi ungabi nasabelo phakathi kwabo ; mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
21
Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli, kube yifa labo , ngomsebenzi abawusebenzayo , inkonzo yetende lokuhlangana.
22
Abantwana bakwa-Israyeli mabangabe besasondela etendeni lokuhlangana , funa bathwale isono, bafe.
23
Kepha amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lokuhlangana, athwale ububi bawo; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ; naphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.
24
Ngokuba okweshumi kwabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngakho, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuJehova , ngikunikile amaLevi kube yifa lawo; ngalokho ngishilo kuwo, ngathi: Phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli aniyikuba nafa.
25
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
26
Futhi uyakukhuluma kumaLevi , uthi kuwo : Nxa nithabatha kwabakwa - Israyeli okweshumi engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu , niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova , okweshumi kokweshumi.
27
Umnikelo wenu wokuphakanyiswa uyakubalelwa nina , njengalokho bekungamabele esibuya nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini.
28
Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukelayo kubantwana bakwa -Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umpristi ngomnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.
29
Kuzo zonke izipho zenu niyakunikela ngayo yonke iminikelo yokuphakanyiswa kuJehova , konke okuhle kwayo , inxenye yayo engcwelisiweyo.
30
Ngalokho uyakusho kubo ukuthi : Nxa niphakamisa okuhle kwayo , kuyakubalelwa amaLevi njengokwanda kwesibuya nokwanda kwesikhamo sewayini.
31
Niyakukudlela ezindaweni zonke , nina nabezindlu zenu , ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana.
32
Aniyikuthwala sono ngenxa yakho , lapho seniphakamisile okuhle kwakho , ningahlambalazi izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli ukuba ningafi.