Skip to Content

UNumeri Chapter 19

1 UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: 2 Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayalile ngaso ukuthi : Yisho kubantwana bakwa -Israyeli ukuba balethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, singenansolo, okungazange kubekwe ijoka phezu kwaso, 3 nisinike u -Eleyazare umpristi , yena asikhiphel e ngaphandle kwekamu , sihlatshwe phambi kwakhe; 4 u-Eleyazare umpristi uyakuthabatha igazi laso ngomunwe wakhe , afafaze kasikhombisa ngaphambi kwetende lokuhlangana ngegazi laso, 5 isithole sishiswe phambi kwakhe , isikhumba saso , nenyama yaso , negazi laso, kanye nomswani waso kushiswe; 6 umpristi uyakuthabatha umsedari , nehisopi, nendwangu ebomvu , akuphonse phakathi kokushayo kwesithole. 7 Umpristi useyakuhlanza izingubo zakhe , ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu, umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe. 8 Osishisayo uyakuhlanza izingubo zakhe ngamanzi , ageze umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe. 9 Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole , awubekele ngaphandle kwekamu endaweni ehlambulukileyo , ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli kube ngamanzi okuphothula ; kungumnikelo wesono. 10 Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe , abe ngongcolile kuze kuhlwe ; kuyakuba yisimiso esiphakade kubantwana bakwa -Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo. 11 Othinta isidumbu somuntu uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. 12 Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu , nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu , akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa. 13 Yilowo nalowo oth inta isidumbu somuntu ofileyo , angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo ; uyakuba ngongcolile ; ukungcola kwakhe kuse kuye. Amanzi okuphothula 14 Nanku umthetho , uma umuntu efela etendeni : yilowo nalowo ongena etendeni nalowo osetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. 15 Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile. 16 Yilowo nalowo othinta endle obulewe ngenkemba , noma isidumbu, noma ithambo lomuntu , noma ithuna , uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. 17 Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono , namanzi agobhozayo ayakuthelwa kanye nawo esitsheni, 18 umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisop i, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende , nezitsha zonke , nabantu ababelapho , nowathinta ithambo , noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna, 19 umuntu ohlambulukileyo amfafaze ongcolileyo ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa , amphothule ngos uku lwesikhombisa , ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa. 20 Kepha umuntu ongcolayo engaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwebandla, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova ; amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; ungcolile. 21 Kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ; ofafaza amanzi okuphothula uyakuhlanza izingubo zakhe , nothinta amanzi okuphothula uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe. 22 Lokhu umuntu ongcolileyo akuthintayo kuyakuba ngokungcolile ; umuntu okuthintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.