Skip to Content

UNumeri Isahluko 20

1 Abantwana bakwa -Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala ; abantu bahlala eKadeshi ; uMiriyamu wafela khona , wembelwa khona futhi. Amanzi aseMeriba 2 Kwakungekho manzi lapho kuy o inhlangano ; babahlanganyela oMose no - Aroni. 3 Abantu balwa noMose , bakhuluma bathi : Sengathi ngabe safa ekufeni kwabafowethu phambi kukaJehova. 4 Niletheleni ibandla likaJehova kuleli hlane , ukuze sifele lapha , thina nezinkomo zethu, na? 5 Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kule ndawo embi , na? Akusiyo indawo yembewu, noma eyamakhiwane , noma eyemivini , noma eyamapomegranati, kungekho futhi amanzi okuphuza. 6 OMose no-Aroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo. 7 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 8 Thabatha intonga , ubuthe inhlangano , wena no -Aroni umfowenu , nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo ; uyakubavezela amanzi edwaleni , ukuze unike inh langano nezinkomo zayo ukuphuza. 9 UMose wathabatha intonga phambi kukaJehova, njengalokho eyalile. 10 OMose no -Aroni babutha ibandla phambi kwedwala ; wathi-ke kubo : Yizwani manje nina bahlubuki; siyakunivezela yini amanzi kuleli dwala na? 11 UMose waphakam isa isandla sakhe , walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi , inhlangano yaphuza kanye nezinkomo zayo. 12 UJehova wathi kuMose naku -Aroni: Njengokuba anikholwanga yimi ukungingcwelisa emehlweni abantwana bakwa -Israyeli, ngalokho aniyikungenisa leli bandla ezweni engibanike lona. 13 Lokhu kwakungamanzi aseMeriba , ngokuba abantwana bakwa -Israyeli balwa noJehova, wangcweliswa kubo. U-Edomi uvimbela u-Israyeli 14 UMose wathuma izithunywa enkosini yakwa -Edomi, zisuka eKadeshi , wathi: Usho kanje umfowenu u-Israyeli: Uyazazi zonke izinkathazo ezisehlele 15 ukuthi obaba behlela eGibithe , sahlala eGibithe isikhathi eside ; abaseGibithe basiphatha kabi thina nawobaba; 16 lapho sakhala kuJehova , walizwa izwi lethu , wathuma ingelosi , wasikhipha eGi bithe; bheka sesiseKadeshi , umuzi oseceleni komkhawulo wakho; 17 ake sidabule izwe lakho ; asiyikudabula amasimu nezivini , singaphuzi amanzi emithombo ; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi , singajiki ngakwesokunene nangakwesokhohlo size sidlule umkhawulo wakho. 18 U-Edomi wathi kuye: Awuyikudabula kimi, funa ngikusukele ngenkemba. 19 Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye : Siyakukhuphuka ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho , mina nezinkomo zami , ngiyakukhokhela imali yawo . Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye. 20 Kepha wathi: Awuyikudabula. U-Edomi wayesephuma wamsukela nabantu abaningi nesandla esinamandla. 21 Kanjalo u -Edomi wala ukuba u -Israyeli adabule izwe lakhe ; ngalokho u - Israyeli wachezuka kuye. Ukufa kuka-Aroni 22 Basuka eKadeshi ; abantwana bakwa -Israyeli, inhlangano yonke , bafika entabeni yaseHori. 23 UJehova wakhuluma kuMose naku -Aroni entabeni yaseHori ngasemkhawulweni wezwe lakwa-Edomi, wathi: 24 U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe , ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa -Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba. 25 Thabatha o -Aroni no -Eleyazare, indodana yakhe , ubakhuphulele entabeni yaseHori, 26 umkhumule u -Aroni izambatho zakhe , uzifake ku -Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, afele khona. 27 UMose wenza njengalokho uJehova eyalile ; bakhuphukela entabeni yaseHori emehlweni enhlangano yonke. 28 UMose wamkhumula u -Aroni izambatho zakhe , wazifaka ku -Eleyazare indodana yakhe ; u-Aroni wafela khona esiqongweni sentaba ; oMose no - Eleyazare behla entabeni. 29 Lapho inhlangano yonke ibona ukuthi u -Aroni ufile , bamlilela u -Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu yakwa-Israyeli.