UNumeri Chapter 21
1
UmKhanani, inkosi yase -Aradi, owayakhe eningizimu , wezwa ukuthi u - Israyeli uyeza ngendlela yase -Atarimi; walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo.
2
U-Israyeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: Uma unikela nokunikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuchitha impela imizi yabo.
3
UJehova walilalela izwi lika -Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma. Inyoka yethusi
4
Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela.
5
Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na ? Ngokuba akukho sinkwa , akukho manzi ; umphefumulo wethu uyanengwa yilesi sinkwa esilulana.
6
UJehova wathuma izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu , zabaluma abantu; abantu abaningi bakwa-Israyeli bafa.
7
Abantu bafika kuMose , bathi: Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi . UMose wabakhulekela abantu.
8
UJehova wathi kuMose : Zenzele inyoka enesihlungu , uyibeke ensikeni ; kuyakuthi yilowo nalowo olunywayo, lapho eyibheka, uyakusinda.
9
UMose wenza inyoka yethusi , wayibeka ensikeni ; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda.
10
Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa e-Oboti.
11
Basuka e -Oboti, bamisa e -Iye Abarimi ehlane elingaphandle kwelakwaMowabi ngasempumalanga.
12
Basuka lapho, bamisa esiGodini saseZeredi.
13
Basuka lapho , bamisa ngaphesheya kwe -Arinoni elisehlane , elivela emkhawulweni wama -Amori, ngokuba i -Arinoni lingumkhawulo welakwaMowabi, phakathi kwelakwaMowabi nama-Amori.
14
Ngalokho kuthiwa eNcwadini yeziMpi zikaJehova : IVahebi laseSufa , nezigodi zase-Arinoni,
15
nomthambeka wezigod i othambeka ngasezweni le -Ari, oncike emkhawulweni wakwaMowabi.
16
Basuka lapho , baya eBeri ; lokhu kungumthom bo asho ngawo uJehova kuMose, wathi: Butha abantu, ngibaphe amanzi.
17
U-Israyeli wayesehlabelela lesi sihlabelelo sokuthi : Mpompoza, mthombo, nihlabelele kuwo,
18
umthombo ezawumba izikhulu , abawugubha abakhulu babant u ngentonga yobukhosi nangezindondolo zabo. Basuka ehlane, baya eMathana.
19
Basuka eMathana, baya eNahaliyeli; basuka eNahaliyeli, baya eBamoti;
20
basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane. Ukunqotshwa kukaSihoni no-Ogi
21
U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, wathi:
22
Ake sidabule izwe lakho ; asiyikuchezukela emasimini noma ezivinini , singaphuzi amanzi emithombo ; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi , size sidlule umkhawulo wakho.
23
USihoni wayengamvumeli u -Israyeli ukudabula izwe lakhe , kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe , waphuma eyomhlasela u -Israyeli ehlane , wafika eJahasi, walwa no-Israyeli.
24
U-Israyeli wamnqoba ngosiko lwenkemba , wadla izwe lakhe , kusukela e- Arinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla.
25
U-Israyeli wathatha yonke le mizi ; u-Israyeli wahlala emizini yonke yama - Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo.
26
Ngokuba iHeshiboni lalingumuzi kaSihoni inkosi yama -Amori owayelwile nenkosi endala yakwaMowabi , wathatha lonke izwe lakhe esandleni sakhe kwaze kwafika e-Arinoni.
27
Ngalokho abakhulu ngezaga basho bathi: Wozani eHeshiboni; makwakhiwe, umuzi kaSihoni umiswe;
28
ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni ; ilangabi livelile emzini kaSi honi; liqedile i-Ari lakwaMowabi nabakhe emadulini ase-Arinoni.
29
Maye kuwena Mowabi ! Niphelile, nina bantu bakaKemoshi ; unikele amadodana akhe abe ngababaleki , namadodakazi akhe athunjwe kuSihoni inkosi yama-Amori.
30
Sibacibishele; iHeshiboni liphelile kuze kube seDiboni; sichithile kuze kube seNofa elingaseMedeba.
31
Kanjalo u-Israyeli wahlala ezweni lama-Amori.
32
UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho.
33
Baphenduka, bakhuphuka ngendlela yaseBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma, wabasukela, yena nabo bonke abantu bakhe , ukuyokulwa ngase- Edireyi.
34
UJehova wathi kuMose: Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe ; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.
35
Base bemnqoba -ke, namadodana akhe , nabo bonke abantu bakhe , waze wangasalelwa muntu; badla izwe lakubo.