UNumeri Chapter 22
1
Abantwana bakwa -Israyeli bahamba , bamisa emathafeni akwaMowabi ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko.
2
UBalaki indodana kaSipori wabona konke akwenzile u -Israyeli kuwo ama - Amori.
3
UMowabi wayesesaba kakhulu abantu , ngokuba babebaningi ; uMowabi waba nosizi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.
4
UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke , njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo . UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.
5
Wathuma izithunywa kuBileyamu indodana kaBeyori ePethori elingasemfuleni ezweni labantwana babantu ba khe ukumbiza ngokuthi : Bheka, nampa abantu abaphumile eGibithe ; bheka, basibekela ubuso bomhlaba; sebehlala malungana nami;
6
ngalokho ake uze manje , ungiqalekisele laba bantu, ngokuba bayangahlula; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukuba sibanqobe , ngibaxoshe ezweni, ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.
7
Amalunga akwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka enenkokhelo yokubhula esandleni sawo ; ayesefika kuBileyamu , akhuluma kuye amazwi kaBalaki.
8
Wathi-ke kuwo: Hlalani lapha lobu busuku, nginibuyisele izwi, njengalokhu uJehova eyakukhuluma kimi. Izikhulu zakwaMowabi zahlala-ke kuBileyamu.
9
UNkulunkulu wafika kuBileyamu, wathi: Ngobani lawa madoda akuwe na?
10
UBileyamu wathi kuNkulunkulu: UBalaki indodana kaSipori , inkosi yakwaMowabi, uthumile kimi wathi:
11
Bheka, abantu abaphumile eGibithe basibekela ubuso bomhlaba ; woza kalokhu, ungiqalekisele bona; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukulwa nabo, ngibaxoshe.
12
UNkulunkulu wathi kuBileyamu : Awuyikuhamba nawo ; awuyikuqalekisa abantu, ngokuba babusisiwe.
13
UBileyamu wavuka ekuseni , wathi kuzo izikhulu zikaBalaki : Buyelani ezweni lakini, ngokuba uJehova uyangalela ukuba ngihambe nani.
14
Izikhulu zakwaMowabi zasuka , zaya kuBalaki , zathi: UBileyamu uyala ukufika nathi.
15
UBalaki wabuye wathuma izikhulu, ziningi, zidumile kunezokuqala.
16
Zafika kuBileyamu, zathi kuye: Usho kanje uBalaki indodana kaSipori, uthi: Ake ungavinjwa lutho ukuza kimi,
17
ngokuba ngiyakukunika udumo olukhulu , nakho konke ongitshela khona ngiyakukwenza; ake uze ngalokho manje, ungiqalekisele laba bantu.
18
UBileyamu waphendula wathi kuzo izinceku zikaBalaki : Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova uNkulunkulu wami ukwenza okuncane nokukhulu.
19
Ngalokho ake nihlale nani lapha lobu busuku , ukuze ngazi ukuthi uJehova useyakukhulumani kimi futhi.
20
UNkulunkulu weza kuBileyamu ebusuku , wathi kuye: Uma amadoda efika ukukubiza, vuka uhambe nawo; kepha lelo zwi kuphela engilikhuluma kuwe uyakulenza.
21
UBileyamu wa vuka ekuseni , wabophela imbongolo yakhe , wahamba nezikhulu zakwaMowabi.
22
Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba ; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye . Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye.
23
Imbongolo yab ona ingelosi kaJehova imi endleleni , inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo ; imbongolo yachezuka endleleni , yaya ensimini, kepha uBileyamu wayishaya imbongolo ukuyibuyisela endleleni.
24
Ingelosi kaJehova yayisima endleleni engumngcingo phakathi kwezivini , kwaba ludonga ngalapha nodonga ngalapha.
25
Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova , yazigqula odongeni , yalimaza unyawo lukaBileyamu ngasodongeni; wabuye wayishaya.
26
Ingelosi kaJehova yaqhubeka yema endaweni eminyeneyo , lapho kwakungekho khona indlela yoku jika ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.
27
Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova , yalala phansi kukaBileyamu ; intukuthelo kaBileyamu yavutha, wayishaya imbongolo ngenduku yakhe.
28
UJehova wavula umlomo wembongolo , yathi kuBileyamu: Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye kathathu na?
29
UBileyamu wathi embongolweni : Ngokuba ungiswabulele; sengathi ngabe kukhona inkemba esandleni sami, ngokuba ngabe sengikubulele.
30
Kepha imbongolo yathi kuBileyamu : Angisiyo imbongolo yakho oyikhwele konke ukuhamba kwakho kuze kube manje na? Ngangivama ukwenza kanjalo kuwe na? Wathi: Qha.
31
UJehova wayesevula -ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo ; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe.
32
Ingelosi kaJehova yathi kuye : Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na ? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami;
33
imbongolo yangibona , yachezuka phambi kwami kathathu ; uma ibingachezukanga kimi, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.
34
Wathi uBileyamu k uyo ingelosi kaJehova : Ngonile; ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni umelene nami; ngalokho uma kukubi emehlweni akho , ngiyakubuyela emuva.
35
Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyak ulikhuluma. UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki.
36
UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza , waphuma ukumhlangabeza e -Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo.
37
UBalaki wathi kuBileyamu: Angithumanga nokuthuma kuwe ukukubiza na? Awufikanga ngani kimi? Anginamandla yini okukunika udumo na?
38
UBileyamu wathi kuBalaki : Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho . Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami , ngiyakukhuluma lona.
39
UBileyamu wahamba noBalaki, bafika eKiriyati Husoti.
40
UBalaki wanikela ngezinkabi nangezimvu, wazithuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezinaye.
41
Kwathi ekuseni uBalaki wamthatha uBileyamu , wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, wabona elapho inxenye yabantu.