Skip to Content

UNumeri Chapter 23

1 UBileyamu wathi kuBalaki : Ngakhele lapha ama -altare ayisikhombisa , ungilungisele lapha izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa. 2 UBalaki wenza-ke njengalokho uBileyamu ekhulumile ; oBalaki noBileyamu banikela kulelo nalelo altare inkunzi nenqama. 3 UBileyamu wathi kuBalak i: Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa , mina ngihambe ; mhlawumbe uJehova angafika ukungihlangabeza ; konke angitshengisa khona ngiyakukutshela. Waya edulini elingenalutho. 4 UNkulunkulu wahlangana noBileyamu; yena wathi kuye: Sengilungisile ama- altare ayisikhombisa, nganikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare. 5 UJehova wafaka izwi emlonyeni kaBileyamu , wathi: Buyela kuBalaki , ukhulume kanje. 6 Wayesebuyela kuye ; bheka, wayemi ngasemnikelweni wokushiswa , yena nazo zonke izikhulu zakwaMowabi. 7 Wayesethatha isisho sakhe , wathi: E-Aramu uBalaki ungilandile , inkosi yakwaMowabi ezintabeni zasempumalanga : woza ungiqalekisele uJakobe ; woza umdlelesele u-Israyeli. 8 Ngingamqalekisa kanjan i ongaqalekiswanga nguNkulunkulu na ? Ngingamdlelesela ongadleleselwanga nguNkulunkulu na? 9 Ngokuba ngisesiqongweni samadwal a ngiyambona, ngisemadulini ngiyambuka; bheka, kungabantu abahlala bodwa, abangayikubalwa phakathi kwezizwe. 10 Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe , abale okwesine kuka-Israyeli, na? Mangife ukufa kolungileyo, nokuphela kwami makube njengokwakhe. 11 UBalaki wathumela kuBileyamu , wathi: Wenzeni kimi na ? Ngakuthatha ukuba uqalekise izitha zami; bheka, uzibusisile nokuzibusisa. 12 Waphendula wathi : Angiyikuqaphela ukukhuluma lok hu uNkulunkulu akufakile emlonyeni wami na? 13 UBalaki wayesethi kuye : Ake uze nami , siye kwenye indawo , lapho ungababona khona ; uyakubona inxenye yabo kuphela , ungaboni bonke ; ungiqalekisele bona uselapho. 14 Wamyisa ensimini yaseSofimu esiqongweni sasePisi ga, wakha ama -altare ayisikhombisa, wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare. 15 Wathi kuBalaki : Yima lapha ngasemnikelweni wakho wokushiswa , mina ngilinde laphaya. 16 UJehova wayesehlangana noBileyamu, wafaka izwi emlonyeni wakhe , wathi: Buyela kuBalaki, ukhulume kanje. 17 Wayesefika kuye ; bheka, wayemi ngasemnikelweni wakhe wokushiswa , izikhulu zakwaMowabi zinaye . UBalaki wathi kuye : UJehova ukhulume ngokuthini na? 18 Wayesethatha isisho sakhe, wathi: Vuka, Balaki, uzwe; ngilalele, wena ndodana kaSipori: 19 uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole ; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na? 20 Bheka, ngiyaliwe ukubusisa; yena ubusisile, anginakukubuyisa. 21 Akabonanga ingozi kuJakobe , akabukanga nankathazo kwa -Israyeli. UJehova uNkulunkulu wakhe unaye, nesenanelo senkosi siphakathi kwabo. 22 UNkulunkulu wabakhipha eGibithe; unjengezimpondo zenyathi kubo. 23 Ayikho imilingo engamelan a noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sek uyashiwo ngoJakobe nango -Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni. 24 Bheka, abantu bavuk a njengengonyamakazi, nanjengengonyama bayaziphakamisa; abayikulala phansi, bengakayidli impango, baphuze igazi lababuleweyo. 25 UBalaki wayesethi kuBileyamu : Ungabaqalekisi nokubaqalekisa, futhi ungababusisi nokubabusisa. 26 Kepha uBileyamu waphendula, wathi kuBalaki: Angikutshelanga yini ukuthi konke uNkulunkulu akukhulumayo ngiyakukwenza na? 27 Wathi uBalaki kuBileyamu : Ake uze , ngikuyise kwenye indawo ; mhlawumbe kungaba kuhl e emehlweni kaNkulunkulu ukuba ungiqalekisele bona uselapho. 28 UBalaki wamyisa uBileyamu esiqongweni sasePeyori elibheke ngenzansi ngasehlane. 29 UBileyamu wayesethi kuBalaki : Ngakhele lapha ama -altare ayisikhombisa, ungilungisele izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa. 30 UBalaki wenza -ke njengalokho eshilo uBileyamu ; wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.