Skip to Content

UNumeri Isahluko 24

1 UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u -Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo , kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane. 2 UBileyamu waphakamisa amehlo akhe , wabona u -Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe. 3 Wayesethatha isisho sakhe , wathi: UBileyamu indodana kaBeyori uthi , umuntu omehlo akhe avuliwe uthi, 4 ozwileyo amazwi kaNkulunkulu , obonile umbono kaSomandla uthi , ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe: 5 Mahle kangaka amatende akho, Jakobe, namatabernakele akho, Israyeli. 6 Elulekile njengezigodi , njengamasimu ngasemfuleni , njengemihlaba ayitshalile uJehova, njengemisedari ngaseceleni kwamanzi. 7 Amanzi ayakugobhoza , aphume ezimbizeni zakhe , imbewu yakhe ibe semanzini amaningi , inkosi yakhe ibe nkulu kuno -Agagi, umbuso wakhe uphakame. 8 UNkulunkulu wamkh ipha eGibithe ; unjengezimpondo zenyathi kubo ; uyakuqeda izizwe , izitha zakhe , aphule amathambo azo , azigwaze ngemicibisholo yakhe. 9 Wabuthalala, walala phansi njengengonyama , nanjengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na ? Mababusiswe bonke abakubusisayo , baqalekiswe bonke abakuqalekisayo. 10 Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu , washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu : Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami ; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu. 11 Ngalokho baleka uye endaweni yakho ; bengithi ngiya kukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe. 12 UBileyamu wathi kuBalaki : Angikhulumanga yini kuzo izithunywa zakho owazithuma kimi ukuthi: 13 Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide , anginakulidlula izwi likaJ ehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma, na? 14 Bheka manje , ngibuyela kubantu bakithi ; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo. 15 Wayesethatha isisho sakhe , wathi: UBileyamu indodana kaBeyori uthi , umuntu oso lakhe livuliwe uthi, 16 ozwileyo amazwi kaNkulunkulu , owazi ukwazi koPhezukonke , obonile umbono kaSomandla, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi: 17 Ngiyambona, kepha kungemanje ; ngiyambheka, kodwa kun geseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSheti. 18 U-Edomi uyakuba yifa ; uSeyiri uyakuba yifa naye , owayengowezitha zakhe, u-Israyeli esenza okubuqhawe. 19 Uyakuvela kuJakobe, achithe insali emzini. 20 Wayesembuka u -Amaleki, wathatha isisho sakhe , wathi: U-Amaleki wayengesokuqala sezizwe, kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha. 21 Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi: Inamandla indawo yakho yokuhlala; isidleke sakho simisiwe edwaleni. 22 Nokho uKayini uyakuchithwa uze uthunjwe ngu-Ashuri. 23 Wathatha isisho sakhe , wathi: Maye, ngubani oyakuphila , lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na? 24 Imikhumbi iyakuvela ogwini lwaseKitimi , imhluphe u-Ashuri, imhluphe u- Ebere, naye aye ekubhujisweni. 25 UBileyamu wayesesuka , wahamba, wabuyela endaweni yakhe ; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela.