Skip to Content

UNumeri Isahluko 25

1 U-Israyeli wahlala eShithimi ; abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi, 2 ngokuba babiza abantu ukuba beze emihlatshelweni yawonkulunkulu babo ; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo. 3 U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori . Intukuthelo kaJehova yayisimvuthela u-Israyeli. 4 UJehova wathi kuMose : Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli. 5 UMose wathi kubo abahluleli bakwa -Israyeli: Bulalani, kube yilowo nalowo abantu bakhe abazihlanganisile noBali Peyori. 6 Bheka, umuntu wabantwana bakwa -Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa -Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana. 7 Esekubona uFinehasi ka -Eleyazare ka -Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe, 8 wamlandela umuntu wakwa -Israyeli, wangena etendeni , wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe . Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli. 9 Abafayo ngaleso sifo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 10 UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: 11 UFinehasi ka -Eleyazare ka -Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa -Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa -Israyeli ngomhawu wami. 12 Ngalokho yisho ukuthi: Bheka, ngiyamnika isivumelwano sami sokuthula; 13 siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe , wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana. 14 Igama lendoda yakwa -Israyeli eyabulawa, eyabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu , isikhulu sendlu kayise phakathi kwabakwaSimeyoni. 15 Igama lowesifazane wakwaMidiyani owabulawa lalinguKozibi indodakazi kaSuri owayeyinhloko yabantu bendlu kayise kwaMidiyani. 16 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 17 Khathaza abakwaMidiyani, ubashaye, 18 ngokuba bayanikhathaza nina ngamacebo abanikhohlise ngawo endabeni kaPeyori nangendaba kaKozibi indodakazi yesikhulu sakwaMidiyani , udadewabo, owabulawa ngosuku lwesifo ngendaba kaPeyori.