UNumeri Chapter 26
1
Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma k uMose naku -Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:
2
Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa -Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.
3
OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:
4
Yebo, bona abaneminyaka enga mashumi amabili kuya phezulu , njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa -Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.
5
URubeni, izibulo lika -Israyeli: amadodana kaRubeni : kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki; kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;
6
kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi ; kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.
7
Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
8
Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.
9
Amadodana ka -Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;
10
umhlaba wavula umlomo wawo , wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo , lapho umlilo waqeda ama doda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.
11
Kepha amadodana kaKora awafanga.
12
Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo : kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli; kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini ; kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;
13
kwaZera: ngumndeni wakwaZera ; kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.
14
Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.
15
Amadodana kaGadi ngemindeni yawo : kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni; kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi ; kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;
16
kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini; kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;
17
kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi; kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.
18
Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
19
Amadodana kaJuda : ngo-Eri no -Onani; o-Eri no -Onani bafela ezweni laseKhanani.
20
Amadodana kaJuda ngemindeni yawo : kwaShela: ngumndeni wakwaShela; kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi; kwaZera: ngumndeni wakwaZera.
21
Amadodana kaPheresi : kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.
22
Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.
23
Amadodana ka -Isakare ngemindeni yawo : kwaThola: ngumndeni wakwaThola; kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;
24
kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi ; kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.
25
Yileyo eyimindeni ka -Isakare ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.
26
Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo : kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi; kwa-Eloni: ngumndeni wakwa -Eloni; kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.
27
Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.
28
Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.
29
Amadodana kaManase : kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri ; uMakiri wazala uGileyadi; kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.
30
Lawa angamadodana kaGileyadi : kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa -Iyezeri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;
31
kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa -Asiriyeli; kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;
32
kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida ; kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.
33
USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela , noHogila, noMilka, noTirisa.
34
Yileyo eyimindeni kaManase ; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.
35
Lawa angamadodana ka -Efrayimi ngemindeni yawo : kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela ; kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri ; kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.
36
Lawa angamadodana kaShuthela: kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.
37
Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingama shumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu . Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.
38
Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo : kwaBela: ngumndeni wakwaBela; kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli; kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;
39
kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu ; kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.
40
Amadodana kaBela ayengo -Arida noNahamani ; kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida; kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.
41
Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo ; ababalwayo kubo babe yizinkulung wane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.
42
Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo : kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo.
43
Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.
44
Amadodana ka -Asheri ngemindeni yawo : kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna; kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi; kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.
45
Kumadodana kaBeriya : kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere ; kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.
46
Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.
47
Yileyo eyimindeni yamadodana ka -Asheri ngokwababalwayo kubo , izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
48
Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo : kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli; kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;
49
kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri ; kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.
50
Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo ; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.
51
Yilabo ababalwayo babantwana bakwa -Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
52
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
53
Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo , libe yifa labo njengokomumo wamagama.
54
Abaningi uyakubanika ifa elikhulu , abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.
55
Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.
56
Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwaba ningi nabayingcosana.
57
Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo : kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni; kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati ; kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.
58
Nansi imindeni yamaLevi : ngumndeni wakwaLibini , nomndeni wakwaHebroni, nomndeni wakwaMaheli, nomndeni wakwaMushi, nomndeni wakwaKora. UKohati wazala u-Amramu.
59
Igama lomka -Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi , owazalelwa uLevi eGibithe ; wazalela u -Amramu o -Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.
60
U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
61
ONadabi no -Abihu bafa , lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.
62
Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu ; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
63
Yilabo ababalwa nguMose nangu -Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
64
Kepha phakathi kwalabo kwakunge kho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.
65
Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi : Bayakufa nokufa ehlane . Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.