URuthe Isahluko 3
1
UNawomi uninazala wathi kuye : Ndodakazi yami , angiyikukufunela ukuphumula ukuba kube kuhle kuwe na?
2
Angithi uBowazi owawunamantombazana akhe uyisihlobo sethu na ? Bheka, uyela ibhali kusihlwa esibuyeni.
3
Ngakho-ke geza, ugcobe, ugqoke isambatho sakho, wehlele esibuyeni, kepha ungazazisi kulowo muntu, aze aqede ukudla nokuphuza.
4
Kuyakuthi nxa eselala , uqaphele indawo ayakulala kuyo , ungene, wambule izinyawo zakhe, ulale; uyakukutshela lokhu oyakukwenza.
5
Wathi kuye: Konke okushoyo ngiyakukwenza.
6
Wehlela esibuyeni, wenza njengakho konke amyale ngakho uninazala.
7
UBowazi wadla waphuza , inhliziyo yakhe yathokoza , waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele ; wafika kahle , wambula izinyawo zakhe, walala.
8
Kwathi phakathi kwamabili yethuka leyo ndoda , yaphenduka; bheka, kwakulele owesifazane ngasezinyaweni zayo.
9
Yathi: Ungubani? Wathi: NginguRuthe incekukazi yakho ; yembesa incekukazi yakho umphetho wengubo yakho, ngokuba ungumhlengi.
10
Yathi: Mawubusiswe nguJehova , ndodakazi yami ; ubonakalisile umusa ekugcineni kakhulu kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa , noma zimpofu noma zicebile.
11
Manje, ndodakazi yami , ungesabi; ngiyakukwenzela konke okushoyo , ngokuba wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane olungileyo.
12
Yebo, kuqinisile ukuthi ngingumhlengi, kepha kukhona umhlengi omkhulu kunami.
13
Hlala lobu busuku ; kuyakuthi ekuseni , uma ekuhlenga , kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga , mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.
14
Walala ngasezinyaweni zakhe kwaze kwasa, wavuka bengakazani. Ngokuba yathi: Makungaziwa ukuthi owesifazane wafika esibuyeni.
15
Yayisithi: Letha ingubo ephezu kwakho, uyibambe. Wayibamba, yalinganisa kasithupha ibhali, yamthwesa lona, wangena emzini.
16
Wafika kuninazala ; wathi yena : Ungubani, ndodakazi yami ? Wamtshela konke leyo ndoda ebimenzele khona.
17
Wathi: Ingiphile lezi zilinganiso eziyisithupha zebhali , ngokuba yathi kimi: Ungayi kunyokozala ungaphethe lutho.
18
Wathi: Hlala, ndodakazi yami, uze wazi ukuba le ndaba iyakuphethelaphi , ngokuba leyo ndoda ayiyikuphumula ingakaqedi indaba namuhla.