Skip to Content

URuthe Chapter 4

1 UBowazi wenyukela esangweni , wahlala phansi khona ; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi , wadlula; wathi kuye : We wena sibanibani , phambuka, uhlale lapha. Waphambuka, wahlala phansi. 2 Wathatha amadoda ayishumi kuwo amalunga omuzi , wathi: Hlalani phansi lapha. Ahlala. 3 Wayesethi kuye umhlengi : UNawomi obuyile ezweni lakwaMowabi uyathengisa ngesiqephu sezwe esasingesika-Elimeleki; 4 bengithi ngiyakukwambulela kuwe , ngithi: Lithenge phambi kwabahleziyo lapha naphambi kwamalunga abantu bakithi ; uma ulithenga, lihlenge; kepha uma ungalithengi , ngitshele ukuba ngazi , ngokuba akakho ongalihlenga ngaphandle kwakho, mina ngisemva kwakho. Wayesethi: Ngiyakulihlenga. 5 Wathi uBowazi: Msukwana ulithenga izwe esandleni sikaNawomi , ulithenga nakuRuthe wakwaMowabi umkamufi ukuba ulivuse igama lofileyo efeni lakhe. 6 Umhlengi wathi: Anginakuzihlengela lona, funa ngone ifa lami ; zihlengele wena, ngokuba anginakukuhlenga. 7 Lokhu kwakunje ngokuhlenga nokwenana endulo kwa -Israyeli ukuba kuqiniswe izindaba zonke : umuntu wakhumula isicathulo sakhe , wasinika umakhelwane wakhe; lokho kwakungubufakazi kwa-Israyeli. 8 Umhlengi wayesethi kuBowazi: Zithengele. Wakhumula isicathulo sakhe. 9 UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke : Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka -Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi. 10 NoRuthe wakwaMowabi umkaM ahaloni ngimthengile abe ngumkami ukuvusa igama lofileyo efeni lakhe ukuba igama lofileyo linganqunywa phakathi kwabafowabo nasesangweni lendawo yakhe ; nina ningofakazi namuhla. 11 Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi : Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa -Israyeli, ucebe e -Efratha, ube nodumo eBetlehema; 12 indlu yakho mayibe njengendlu kaPheresi uTamari amzalela uJuda ngenzalo uJehova ayakukunika yona ngale ntombazana. 13 UBowazi wayesemthatha uRuthe , waba ngumkakhe ; wangena kuye ; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana. 14 Abesifazane bathi kuNawomi: Makabusiswe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenamhlengi; igama lakhe malidume kwa-Israyeli. 15 Uyakuba ngumbuyi si wokuphila kuwe , nomondli ebudaleni bakho , ngokuba umalokazana wakho okuthandayo , omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele. 16 UNawomi wamthatha umntwana , wamgona esifubeni sakhe , waba ngumzanyana wakhe. 17 Abesifazane abakhelene naye bametha igama , bathi: Kuzelwe indodana kuNawomi. Baqamba igama lakhe ngokuthi u -Obede; yena unguyise kaJese , uyise kaDavide. URuthe ukhokho kaDavide 18 Nazi izizukulwane zikaPheresi: uPheresi wazala uHesironi; 19 uHesironi wazala uRamu; uRamu wazala u-Aminadaba; 20 u-Aminadaba wazala uNaheshoni; uNaheshoni wazala uSalimoni; 21 uSalimoni wazala uBowazi; uBowazi wazala u-Obede; 22 u-Obede wazala uJese; uJese wazala uDavide.