Skip to Content

UZakariya Chapter 12

1 Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo -Israyeli. UJehova oweneka amazulu , wabeka isisekelo somhlaba , wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe , uthi: 2 Bheka, ngiyakwenza iJerusalema libe yindebe yokutengezela kubo bonke abantu nxazonke nakulo iJuda ekuvinjezelweni kweJerusalema. 3 Kuyakuthi ngalolo suku ngenze iJerusalema libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe; zonke ezizithwesa lona ziyakusikwa nokusikwa ; zonke izizwe zomhlaba ziyakulihlanganyela. 4 Ngalolo suku, usho uJehova, ngiyakushaya onke amahhashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya ; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahhashi abezizwe ngobumpumputhe. 5 Ababusi bakwaJuda bayakusho ezinhliziyweni zabo ukuthi : Abakhileyo eJerusalema bangamandla ami kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo. 6 Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu ; bayakuqeda bonke abantu n xazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo , iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema. 7 UJehova uyakusindisa amatende akwaJuda kuqala , ukuze udumo lwendlu yakwaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungakhuliswa phezu kukaJuda. 8 Ngalolo suku uJe hova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema ; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide , indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo. 9 Kuyakuthi ngalolo suku ngifune ukuchitha bonke abezizwe abahlasela iJerusalema. 10 Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa , bambheke abamgwazileyo , bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa , babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe. 11 Ngalolo suku kuyakuba khona uku lila okukhulu eJerusalema njengokulila kweHadadi Rimoni esigodini saseMegidoni. 12 Izwe liyakulila imindeni ngemindeni ngokwayo : umndeni wendlu yakwaDavide ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo ; umndeni wendlu yakwaNathani ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo; 13 umndeni wendlu yakwaLevi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo ; umndeni kaShimeyi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo, 14 nayo yonke imindeni eseleyo, imindeni ngemindeni ngokwayo nabesifazane bayo ngokwabo.