Skip to Content

UZakariya Chapter 13

1 Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema. 2 Kuyakuthi ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti , nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni. 3 Kuyakuthi uma kusaprofetha umuntu, uyise nonina abamzalayo basho kuye ukuthi: Awuyikuphila, ngokuba ukhuluma amanga egameni likaJehova, uyise nonina abamzalayo bamgwaze esaprofetha. 4 Kuyakuthi ngalolo suku abaprofethi babe namahloni , kube yilowo n alowo ngombono wakhe ekuprofetheni kwakhe , bangembathi ingubo yoboya ukuyokhohlisa; 5 kepha uyakuthi: Angisiye umprofethi, ngingumlimi womhlabathi, ngokuba umuntu wangithenga ebusheni bami. 6 Uma sekuthiwa kuye : Iyini leyo mivimbo esezandleni zakho na ? uyakuthi: Engashaywa ngayo endlini yabathandiweyo bami. Umalusi wamanga 7 Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti . Shaya umalusi , zize zihlakazeke izimvu , bese ngiphendulela abancane isandla sami. 8 Kuyakuthi ezweni lonke, usho uJehova, kunqunywe izinxenye ezimbili kulo, zibhubhe, kusale eyesithathu kulo. 9 Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni , ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide ; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: Bangabantu bami; base bethi: UJehova unguNkulunkulu wami.