Yathi inkosi kuye: Iphi na? USiba wathi enkosini: Bheka, isendlini kaMakiri indodana ka-Amiyeli eLo Debari.
Inkosi uDavide yayisithuma yamlanda endlini kaMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari.
Kwathi uDavide esefikile eMahanayimi , uShobi indodana kaNahashi waseRaba labantwana bakwa -Amoni, noMakiri indodana ka -Amiyeli waseLo Debari, noBarizilayi wakwaGileyadi waseRogelimi