Skip to Content

"izindonga"

7 occurrences in ZUL

Wakha izindonga zendlu ngaphakathi ngamapulangwe emiseda ri; kusukela phansi endlini kuze kufike emishayweni yophahla wembesa ngamapulangwe ngaphakathi, wendlala phansi endlini ngamapulangwe emisayipuresi.

Wafekethisa zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe ezibaziweyo zamakherubi, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo ngaphakathi nangaphandle.

amatalenta ayizinkulungwane ezintathu egolide , igolide lase -Ofiri, namatalenta ayizinkulungwane eziyisikhombisa esiliva elicwengekileyo ukunameka ngalo izindonga zezindlu,

Qaphelani izindonga zalo , nidabule izindlu zalo zobukhosi , ukuze nilandisele isizukulwane esizayo.

Udilizile zonke izindonga zakhe , wazenza i zinqaba zakhe zaba yincithakalo.

ngalokho bheka , iNkosi iyabakhuphulela amanzi omfula anamandla namaningi -- yinkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo -- ukhuphuke phezu kwazo zonke izingu zawo, weqe nazo zonke izindonga zawo,

Ngiyakumisa, ngikuhaqe nxazonke zakho, ngikuvimbezele ngezinqaba , ngikumisele izindonga.