"obali"
14 occurrences in ZUL
Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova , bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali no-Ashitaroti.
Abantwana bakwa -Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova , babakhonza oBali , no-Ashitaroti, nawonkulunkulu base -Aramu, nawonkulunkulu baseSidoni , nawonkulunkulu bakwaMowabi , nawonkulunkulu babantwana bakwa -Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti , bamshiya uJehova, kabamkhonza.
Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.
Bakhala kuJehova , bathi: S onile, ngokuba simshiyile uJehova , sakhonza oBali no -Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu , siyakukukhonza.
Kodwa wathi : Mina angimhluphanga u -Israyeli, kepha nguwe nendlu kayihlo, ngokuyilahla imiyalo kaJehova, uze ulandele oBali.
Inkosi yayisiyala uHilikiya umpristi omkhulu , nabapristi besigaba sesibili , nabalindimnyango ukukhipha ethempelini likaJehova zonk e izinto ezazenzelwe oBali , no-Ashera, nebandla lonke lasezulwini , yazishisa ngaphandle kweJerusalema emasimini aseKidroni , yayisa umlotha wazo eBethele.
UJehova wayenaye uJehoshafati , ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akafunanga oBali,
Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama -altare, wenza o -Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.