Skip to Content

"qinani"

10 occurrences in ZUL

UMose wathi kubantu : Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla , ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.

Qinani, nime isibindi , ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo , ngokuba uJehova u Nkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe ; akayikukuyeka, akushiye.

UJoshuwa wathi kuzo : Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.

Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuba ningabi yizigqila zamaHeberu , njengalokho ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!

Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.

Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.

Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningapheli amandla ngenkosi yase -Asiriya nangesixuku sonke esinayo, ngokuba onathi mkhulu kunonaye;

Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi, nina nonke enithemba uJehova.

Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi : Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela , impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.