Skip to Content

"gileyadi"

31 occurrences in ZUL

Bathi: Yisiphi kuzo izizwe zakwa -Israyeli esingakhuphukelanga kuJehova eMispa na? Bheka, akufikanga muntu ekamu ovela eJabesh i Gileyadi ukuya ebandleni.

Sebebalwa abantu ; bheka, kwakungekho muntu kwabakhile eJabeshi Gileyadi lapho.

Inhlangano yathuma khona abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili abangamaqhawe amakhulu , yabayala yathi: Hambani nibabulale abakhe eJabeshi Gileyadi ngosiko lwenkemba kanye nabesifazane nezingane.

Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo ; baziyisa ekamu eShilo elisezweni laseKhanani.

UBenjamini wabuya ngaleso sikhathi ; babanika abesifazane ababebasindisile kwabesifazane baseJabeshi Gileyadi; kepha ababanelanga.

Kwenyuka uNahashi wakwa-Amoni, wamisa eJabeshi Gileyadi ; bonke abantu baseJabeshi bathi kuNahashi : Yenza isivumelwano nathi , siyakukukhonza.

Bathi kuzo izithunywa ezazifikile : Niyakusho kanje kubantu ba seJabeshi Gileyadi, nithi: Kusasa lapho ilanga libalele niyakukhululwa . Izithunywa zafika, zabatshela abantu baseJabeshi; bathokoza.

Sebezwile abakhe eJabeshi Gileyadi lokho amaFilisti ayekwenzile kuSawule,

Bafika abantu bakwaJuda , bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi : Abantu baseJabesh i Gileyadi yibo abammbela uSawule.

UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi , wathi kubo: Manibusiswe nguJehova , ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela.

UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawin i saseBeti Shani , lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona , mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa.

noBeni Geberi eRamoti Gileyadi, okwakungeyakhe imizi kaJayire indodana kaManase ekwaGileyadi, nezwe lase-Arigobi eliseBashani, imizi engamashumi ayisithupha enezingange nemigoqo yethusi,

Inkosi yakwa-Israyeli yathi ezincekwini zayo: Niyazi ukuthi iRamoti Gileyadi lingelethu na? Kepha siyathula, asilikhiphi esandleni senkosi yase-Aramu.

Yathi kuJehoshafati : Uyakuhamba nami ukulwa neRamoti Gileyadi na ? UJehoshafati wathi enkosini yakwa -Israyeli: Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho, amahhashi ami anjengamahhashi akho.

Inkosi yakwa -Israyeli yayisibutha abapr ofethi kungathi abantu abangamakhulu amane , yathi kubo : Ngihambe ngilwe neRamoti Gileyadi , noma ngiliyeke na ? Bathi: Yenyuka, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.

Esefikile enkosini , inkosi yathi kuye : Mikhaya, sihambe silwe neRamoti Gileyadi, noma siliyeke , na? Wathi kuyo: Yenyuka, ube nempumelelo ; uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.

UJehova wathi: Ngubani oyakuyenga u-Ahabi ukuba enyuke afele eRamoti Gileyadi na? Omunye washo ukuthi nomunye ukuthi.

Inkosi yakwa -Israyeli, noJehoshafati, inkosi yakwaJuda , base benyukela eRamoti Gileyadi.

Wahamba noJoramu , indodana ka -Ahabi, ukuba alwe noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.

U-Elisha umprofethi wabiza enye yamadodana abaprofethi , wathi kuyo : Khwica, uphathe lo mfuma wamafutha esandleni sakho , uye eRamoti Gileyadi.

Yayisihamba leyo nsizwa, insizwa engumprofethi, yaya eRamoti Gileyadi.

UJehu, indodana kaJehoshafati, kaNimishi, wamenzela ugobe uJoramu -- uJoramu wayelinda eRamoti Gileyadi , yena naye wonke u -Israyeli ngenxa kaHazayeli, inkosi yase-Aramu;

Selizwile iJabeshi Gileyadi konke amaFilisti ayekwenzile kuSawule,

Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela ku -Ahabi eSamariya . U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi , wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti Gileyadi.

U-Ahabi inkosi yakwa -Israyeli wathi kuJehoshafati inkosi yakwaJuda : Uyakuhamba nami , siye eRamoti Gileyadi , na? Wathi kuye: Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.

Inkosi yakwa -Israyeli yayisibutha abaprofethi , amadoda angamakhulu amane, yathi kubo : Sihambe siye yini eRamoti Gileyadi ukulwa, noma ngiliyeke na ? Bathi: Khuphukani, ngokuba uNkulunkulu uyakul inikela esandleni senkosi.

Bonke abaprofethi baprofetha kanje , bathi: Khuphukela eRamoti Gileyadi , ube nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.

Esefikile enkosi ni, inkosi yathi kuye : Mikhaya, sihambe silwe neRamoti Gileyadi, noma ngiliyeke na ? Wathi: Khuphukani, nibe nempumelelo ; bayakunikelwa esandleni senu.

UJehova wathi: Ngubani oyakuyenga u -Ahabi inkosi yakwa -Israyeli ukuba akhuphuke, afele eRamoti Gileyadi na ? Omunye washo ukuthi nomunye ukuthi.

Inkosi yakwa -Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda base bekhuphukela eRamoti Gileyadi.

Futhi wahamba ngeziluleko zabo , lapho ehamba noJehoramu, indodana ka- Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, ukulwa noHazayeli inkosi yase -Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.