UMiriyamu wabaphendula ngokuthi : Hlabelelani kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle. Amanzi ababayo aseMara
Hlabelelani kuye, nimhubele, nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.
Hlabelelani kuJehova , mhlaba wonke , nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
Hlabelelani kuNkulunkulu, nidumise igama lakhe; menzeleni umendo lowo odabula amahlane; igama lakhe linguJehova; yethabani phambi kwakhe,
Hlabelelani kuJehova ihubo elisha, nihlabelele kuJehova, mhlaba wonke.
Hlabelelani kuJehova , nibonge igama lakhe , nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
Hlabelelani kuye, nimhubele, nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.
Haleluya! Hlabelelani kuJehova igama elisha , indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele.
Hlabelelani kuJehova, ngokuba wenzile izinto ezinkulu ; lokhu ma kwazeke emhlabeni wonke.
Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo. Hlabelelani ngaso.
Hlabelelani kuJehova , nimdumise uJehova , ngokuba wophula umphefumulo wompofu esandleni sababi.
Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Hlabelelani kuJakobe ngokujabula , nimemezele inhloko yezizwe , nizwakalise, nidumise nithi : Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwa-Israyeli.