Skip to Content

"gcina"

19 occurrences in ZUL

Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile.

Gcina inyanga ka -Abibi, nilenze iphasika likaJehova uNkulunkulu wakho , ngokuba ngenyanga ka -Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku.

Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi : Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa -Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami , njengalokho wena uhambe phambi kwami.

Gcina unyawo lwakho , lapho uya endlini kaNkulunkulu , ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula , ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.

Jehova, Nkulunkulu ka -Abrahama noka -Isaka noka -Israyeli, obaba, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho , uqondisele inhliziyo yabo kuwe,

Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi : Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa -Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo uk uba bahambe e mthethweni wami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.

Ngithi: Gcina izwi lenkosi ngenxa yesifungo ngoNkulunkulu.

UJehova wayesethi kuSathane : Bheka, usesandleni sakho ; gcina ukuphila kwakhe kodwa.

Wangifundisa, wathi kimi: Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami ; gcina imiyalo yami, uphile.

Phezu kwakho konke okugcinayo , gcina inhliziyo yakho , ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.

Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.

Ndodana yami, gcina amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami.

Gcina imiyalo yami, uphile, nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.

Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile , kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.

Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi , unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.

Ningamethembi umngane , ningakholwa ngumhlobo ; gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho.

Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba, ulinde indlela, uqinise izinkalo zakho, uwenze amandla akho ukuba aqine.

Wathi kuye : Ungibuzelani ngokuhle na ? Munye ongomuhle . Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.

Bathi kuye abaJuda : Manje sesiyazi ukuthi unedemoni ; u-Abrahama wafa, nabaprofethi; wena-ke uthi : U ma umuntu e gcina izwi lami , kasoze akuzwa ukufa naphakade.