"kwezitha"
21 occurrences in ZUL
Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.
Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.
UJehova wayesethi kimi : Yisho kubo ukuthi : Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba angikho phakathi kwenu , ukuze ningabulawa phambi kwezitha zenu.
UJehova uNkulunkulu wakho uyakuzibeka zonke lezi ziqalekiso phezu kwezitha zakho naphezu kwabakuzondayo ababekuzingela.
uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha , funa abamelene nabo baduke, funa bathi: Isandla sethu siphakeme, uJehova akenzanga konke lokhu.
Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abanakuma phambi kwezitha zabo , bayafulathela izitha zabo , ngokuba sebeqalekisiwe; angisayikuba nani, uma ningachithi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.
Suka ungcwelise abantu, uthi: Zingcweliseleni ingomuso, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awunakuma phambi kwezitha zakho , ningakakususi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.
Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa -Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga , wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo.
UHana wakhuleka wathi : Inhliziyo yami iyethaba kuJehova , uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho.
Wathi uNkulunkulu kuye: Ngokuba ucele leyo nto, ungazicelelanga izinsuku eziningi, ungazicelelanga namfuyo, ungacelanga futhi ukufa kwezitha zakho , uzicelele ukwahlukanisa lokho okuzwayo ekwahluleleni,
Base bebuya bonke abantu bakwaJuda nabaseJerusalema , uJehoshafati ephambi kwabo, ukuba babuyele eJerusalema ngentokozo, ngokuba uJehova wayesebathokozisile phezu kwezitha zabo.
Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakam a ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe , ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.
UJehova uyaphuma njengeqhawe ; njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe; uyakhala, yebo, uyabangalasa, enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.
Owazala abayisikhombisa usedangele , waphuma u moya; ilanga lakhe lishonile kuse semini ; ujabhile, wayangaza; insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni ngaphambi kwezitha zabo, usho uJehova. Ukukhala kukaJeremiya
Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo , ngibabonise umhlane kungabi ngubuso ngosuku lwengozi yabo.
Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema , ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo , nangesandla sabafuna ukuphila kwabo , nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.
Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe , azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya , ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile.
Ngiyakwenza ukuba i -Elamu liphele amandl a ngaphambi kwezitha zal o naphambi kwabafuna ukuphila kwabo , ngibehlisele okubi , ukufutheka kwentukuthelo yami, usho uJehova, ngithume inkemba emva kwabo , ngize ngibaqede.