"noyedwa"
49 occurrences in ZUL
Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe , kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu,
Amanzi abuyela , asibekela izinqola , nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.
Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , akayikubona noyedwa izwe engalifungela u -Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,
Impela akuyikubona noyedwa walaba bantu balesi sizukulwane esibi izwe elihle engafunga ukubanika lona oyihlo,
UJoshuwa wathatha iMakheda ngalolo suku , walichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo , wabaqothula nabo bonke abakulo , akashiyanga noyedwa owasalayo ; wenza-ke kuyo inkosi yaseMakheda njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.
uJehova walinikela nalo nenkosi yalo esandleni sakwa -Israyeli, walichitha ngosiko lwenkemba nabo bonke abakulo , akashiyanga noyedwa owasala phakathi kwalo; wenza-ke kuyo inkosi yalo njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.
Khona kwakhuphuka uHoramu inkosi yaseGezeri ukuba asize iLakishi ; kepha uJoshuwa wambulala nabantu bakhe , akaze amshiyela noyedwa owasalayo.
Balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo , nayo yonke imizi yalo , nabo bonke ababekulo ; akashiyanga noyedwa owasalayo njengakho konke abekwenzile kulo i -Egiloni, waliqothula nabo bonke abakulo.
walithatha kanye nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo , bayichitha ngosiko lwenkemba. Baqothula bonke ababekulo , akashiyanga noyedwa owasalayo ; njengalokho ebenzile kulo iHebroni , wenze njalo kulo iDebiri nakuyo inkosi yalo, njengalokho ebenzile nakulo iLibina nakuyo inkosi yalo.
Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke , izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
UJehova wabanikela esandleni sakwa -Israyeli, babanqoba, babaxosha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu , naseMisirefoti Mayimi , nasesigodini saseMispa ngasem pumalanga, bababulala, abaze bamshiyela noyedwa owasalayo.
Bachitha bonke ababekulo ngosiko lwenkemba , babaqothula, akusalanga noyedwa ophefumulayo; walishisa iHasori ngomlilo.
Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana b akwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.
Akusalanga noyedwa kuwo ama-Anaki ezweni labantwana bakwa -Israyeli; asala eGaza kuphela, naseGati, nase-Ashidodi.
Akakho ongcwele njeng oJehova, ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho; futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.
USawule wathi : Masehle, silandele amaFilisti ebusuku , siwaphange kuze kuse, singashiyi noyedwa kuwo. Bathi: Yenza konke okuhle emehlweni akho. Umpristi wayesethi: Masisondele lapha kuNkulunkulu.
Ngokuba, kuphila kukaJehova osindisa u -Israyeli, nokuba sikuJonathani indodana yami , uyakufa nokufa . Kepha akwabakho noyedwa owamphendulayo.
Inkosi yayisithi : Akusekho endlini kaSawule noyedwa engingamenzela umusa kaNkulunkulu na ? USiba wathi enkosini : UJonathani usenendodana elunyonga ngezinyawo.
Sesiyakumfikela endaweni ethile lapho engatholakala khona , simehlele njengokuwela kwamazolo emhlabathini ; kuyena nabantu bonke abanaye asiyikushiya noyedwa.
UDavide wayesesuka nabo bonke abantu ababe naye , bawela iJordani ; ngasekuseni akusalanga noyedwa ongaliwelanga iJordani.
Kwathi eseyinkosi , wabulala yonke indlu kaJerobowamu , kashiyelanga uJerobowamu noyedwa ophefumulayo, waze wamqothula njengezwi uJehova alikhulumile ngesandla senceku yakhe u-Ahiya waseShilo,
U-Eliya wathi kubo : Bambani abaprofethi baka Bali, kungabaleki noyedwa kubo. Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni , wababulala khona.
UJehu wayesebulala bonke a baseleyo bendlu ka -Ahabi eJizreyeli , nabo bonke abakhulu bakhe , nabazana naye , nabapristi bakhe , waze wangamshiyela noyedwa owasalayo.
Wayesengena uJehu noJehonadaba indodana kaRekabi endlini kaBali ; wathi ezincekwini zikaBali : Cingani, nibone ukuba kungabikho kini lapha noyedwa wezinceku zikaJehova, izinceku zikaBali kuphela.
UJuda esefike embonisweni wasehlane , babheka isixuku ; bheka, babe yizidumbu nje eziwele phansi, akusindanga noyedwa.
Ngababutha emfuleni oya e -Ahava; samisa khona izinsuku ezintathu; ngabheka abantu nabapristi , angifumananga khona noyedwa wamadodana kaLevi.
Nganilalela nina; bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJob e nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.
Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami , ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami , ngazingcolisa zonke izambatho zami.
UNebukadinesari wakhuluma wathi : Makabongwe uNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego , othumile ingelosi yakhe , wakhulula izin ceku zakhe ebezimethemba , zaze zaguqula izwi lenkosi, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi , zingakhuleki kunkulunkulu noyedwa, uNkulunkulu wabo kuphela.
Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso . Akakho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.
Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi , kodwa akayikuqonda noyedwa omubi ; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.
ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga , kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe , kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa.
UJesu wakhuluma, wathi kuwo: Akungabe kusadla noyedwa isithelo kuwe kuze kube phakade. Abafundi bakhe bakuzwa. Ukuhlanzwa kwethempeli (Math. 21:12; Luk. 19:45)
Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye ; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe , kodwa bakuhlanganyela konke.
Ngokuba niyakhumbula , bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini , ukuze singasindi noyedwa kinina , sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.