"izimvu"
92 occurrences in ZUL
U-Abimeleki wayesethatha izimvu , nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, wazipha u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe.
UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami , yaze yaba nkulu ; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.
Kwabuthelwa khona imihlam bi yonke , balisusa itshe emlonyeni womthombo, baphuzisa izimvu , balibuyisela itshe emlonyeni womthombo endaweni yalo.
Wathi: Bheka, kusesemini kakhulu , akusiso isikhathi sokuba zibuthwe izinkomo; phuzisani izimvu, nihambe niziklabise.
Base bethi : Singekwenze lokho ingakabuthani imihlambi yonke , balisuse itshe emlonyeni womthombo; yikhona siyakuphuzisa izimvu. Ukubonana kukaJakobe noRaheli
Kwathi uJakobe ebona uRaheli indodakazi kaLabani uninalu me nezimvu zikaLabani uninalume , uJakobe wasondela , wasusa itshe emlonyeni womthombo, waziphuzisa izimvu zikaLabani uninalume.
Wathi kuye: Inkosi yami iyazi ukuthi abantwana bancane nokuthi izimvu nezinkomazi ezinami ziyizindlezane ; uma bezish ishinga usuku olulodwa , umhlambi wonke uyakufa.
Lawa madoda angabelusi bezimvu , ngokuba ayengamadoda emfuyo ; aselethile izimvu zawo, nezinkomo zawo, nakho konke anakho.
UMpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika ukukha amanzi, agcwalisa imiqengqe eyophuzisa izimvu zikayise.
UMose wayalusa izimvu zikaJetiro umukhwe wakhe , umpristi wakwaMidiyani; waziqhuba izimvu , waya ngaphambili kwehlane , waze wafika entabeni kaNkulunkulu iHorebe.
UFaro wambiza uMose , wathi: Hambani nimkhonze uJehova , kusale kuphela izimvu zenu nezinkomo zenu; izingane zenu zingahamba nani.
Wongenzela i -altare lomhlabathi , unikele phezu kwalo iminikelo yakho yokushiswa neminikelo yakho yokuthula , izimvu zakho nezinkomo zakho ; ezindaweni zonke lapho ngilenza ukuba likhunjulwe khona igama lami , ngiyakuza kuwe, ngikubusise.
Ngosuku lwesis hiyagalombili wothatha izimvu zamaduna ezimbili ezingenasici, nexhukazi elinomnyaka munye elingenasici , nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo , kube ngumnikelo wempuphu , kuxovwe namafutha nelogi lamafutha.
Bayakuhlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibanele na ? Noma bayakubuthelwa yini izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibanele na?
Wothi kubo : Lo ungumnikelo womlilo eniyakunikela ngawo k uJehova: izimvu zamaduna ezinomnyaka munye ezingenasici , zibe zimbili njalo ngosuku, zibe ngumnikelo oshiswa imihla yonke.
Ngosuku lwesabatha izimvu zamaduna ezimbili ezinomnyaka munye ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha kanye nomnikelo wawo wokuphuzwa:
Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo , nazo zonke izimvu zabo , nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.
uthenge ngaleyo mali noma intoni umphefumulo wakho oyithandayo , izinkabi, noma izimvu, noma iwayini , noma uphuzo olunamandla , noma intoni umphefumulo wakho oyifunayo , udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wename, wena nabendlu yakho;
Inkabi yakho iyakuhlatshwa emehlweni akho , ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho , ingabuyiselwa kuwe ; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kungabikho okusindisayo.
Abantu batheleka empangweni , bathatha izimvu , nezinkabi, namankonyane, bakubulalela phansi; abantu bakudla kanye negazi.
Kepha abantu bathatha kuyo impango , izimvu nezinkabi , okuhle kokuqalekisiweyo, ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali.
USamuweli wathi kuJese : Sebephelile abafana na ? Wathi: Kusasele omncane; bheka, uyalusa izimvu . USamuweli wathi kuJese : Thumela umlande, ngokuba asiyikubuya, engakafiki lapha.
UDavide wavuka ekuseni kakhulu , washiya izimvu kumlindi , wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho ; wafika enqabeni yezinq ola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi.
UDavide wathi kuSawule : Inceku yakho yayizalusa izimvu zikayise ; lapho kwafika ingonyama nebhere kwathatha imvu emhlambini,
Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli ; lowo muntu wayemkhulu kakhulu , wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.
UDavide walichitha izwe , akashiyanga muntu ephilile , owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu , nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika ku-Akhishi.
Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide , uthi: U sho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli;
U-Adoniya wahlaba izimvu , nezinkabi, namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni laseZoheleti eliseceleni kwe -Eni Rogeli; wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, nabantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi;
Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa -Israyeli eyayihlangene kuyo babe nayo phambi komphongolo , behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa, zingenakubalwa ngobuningi bazo.
UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.
Baya ngasekungeneni eGedori ngasohlangothini lwasempumalanga kwesigodi ukufunela izimvu zabo idlelo.
Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide , uthi: U sho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli;
Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene kuyo babe phambi komphongolo behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa , zingenakubalwa ngobuningi bazo.
Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela ku -Ahabi eSamariya . U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi , wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti Gileyadi.
Esakhuluma lowo , kwafika nomunye , wathi: Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku , waziqeda; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.
Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na ? Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?
Khona thina bantu bakho, izimvu zedlelo lakho, siyakukubonga kuze kube phakade, sishumayele udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.
kepha bheka , nakhu ukujabula , nokuthokoza, nokubulala izinkabi , nokuhlaba izimvu , ukudla inyama nokuphuza iwayini , ngokuthi: Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.
Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa , awungidumisanga ngemihlatshelo yakho ; angikukhonzisanga ngeminikelo , angikudinisanga ngenhlaka.
UBosheti uqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu , izimvu zabo, nezinkomo zabo, namadodana abo, namadodakazi abo.
Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho , badle amadodana akho namadodakazi akho , badle izimvu zakho nezinkomo z akho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho , bachithe ngenkemba imizi yakh o ebiyelweyo othemba kuyo.
Phakamisani amehlo enu , nibone abavela enyakatho ; uphi umhlambi owaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle, na?
Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami , uthi: Nihlakazile izimvu zami , nazixosha, anizihambelanga. Bhekani, ngiyakuhambela ububi bezenzo zenu kini, usho uJehova.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Kuyakubuye kube khona kule ndawo echithekileyo, engenamuntu nazilwane , nakuyo yonke imizi yayo ikhaya labelusi abenza ukuba izimvu zabo zibuthise.
Emizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, nasezweni lakwaBenjamini , nasemaphethelweni aseJerusalema , nasemizini yakwaJuda izimvu ziyakubuye zidlule phansi kwezandla zozibalayo , usho uJehova.
Ndodana yomuntu, profetha ngabelusi bakwa -Israyeli; profetha uthi kubo , kubelusi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Wo kubelusi bakwa -Israyeli abazibonelela bona! Abelusi bebengayikuzalusa izimvu na?
Izimvu zami zazulazula kuzo zonke izintaba nakuwo onke amagquma aphakemeyo, yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba , akwabakho ozifunayo nozicingayo.
Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , impela ngenxa yokuba izimvu zami zaba yimpango , nangokuba izimvu zami zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle , lokhu umalusi engekho , nangokuba abelusi bami bengafunanga izimvu zami , abelusi bezibonelela bon a, bengazalusi izimvu zami,
Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngimelene nabelusi, ngiyakuzibiza izimvu zami esandleni sabo , ngenze ukuba bangabe besazalusa izimvu , abelusi bangabe besazibonelela bona, ngophule izimvu zami emlonyeni wabo, zingabi ngukudla kwabo.
Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami , ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama.
Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakh o ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli ; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.
Noma umkhiwane ungakhahleli , kungabikho izithelo emvinini , umsebenzi womnqumo uphuthe , amasimu angavezi ukudla , izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni,
Ngase ngalusa izimvu zokuhlatshwa , izimvu ezihluphekayo . Ngazithathela izintonga ezimbili , enye ngayibiza ngokuthi uMusa , nenye ngayibiza ngokuthi uZibopho; ngalusa-ke izimvu.
Saphulwa ngalona lolo suku , bese zazi izimvu ezihluphekayo ezangilalela ukuthi kwakuyizwi likaJehova.
Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu ! Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni l akhe lokunene ; ingalo yakhe iyakubuna nokubuna, neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.
Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti . Shaya umalusi , zize zihlakazeke izimvu , bese ngiphendulela abancane isandla sami.
kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke , ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi,
Khona uJesu wathi kubo : Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe uk uthi: Ngiyakushaya umalusi , izimvu zomhlambi zihlakazeke ;
UJesu wathi kubo : Nonke nizakukhubeka , ngokuba kulotshiwe ukuthi : Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke.
Umlindisango uyamvulela lowo ; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe ; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.
Okhokhelwayo engesiye umalusi , izimvu zingesizo ezakhe , ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke -- impisi izibhozomele, izihlakaze --
Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya ; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.
Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda . Wathi kuye: Yalusa izimvu zami.