"hamba"
131 occurrences in ZUL
U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku -Abrama, wathi kuye : NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.
Wayesethi kuye: Hamba-ke, ubone ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi . Wamthuma esuka esigodini saseHebroni , waze wafika eShekemi.
Indodakazi kaFaro yathi kuye : Hamba nalo mntwana , ungincelisele yena ; ngizakukukhokhela. Owesifazane wamthatha-ke umntwana, wamncelisa.
Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka -Abrahama noka -Isaka nokaJakobe , ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokuniha mbela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.
Wayesehamba uMose , wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe , wathi kuye : Ake ngihambe , ngibuyele kubafowethu abaseGibithe , ngize ngibone ukuthi basekhona yini. UJetiro wathi kuMose: Hamba nokuthula.
UJehova wathi kuMose kwaMidiyani : Hamba ubuyele eGibithe , ngokuba sebafa abantu bonke abafuna ukukubulala.
UJehova wayesethi ku -Aroni: Hamba umhlangabeze uMose eh lane. Wahamba, wahlangana naye entabeni kaNkulunkulu, wamanga.
UJehova wayesethi kuMose : Hamba uye kubantu , ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,
Wayesethi uJehova kuye : Hamba wehle, uze ubuye ukhuphuke , wena no- Aroni enawe ; kepha abapristi nabantu mabangafohli , bakhuphukele kuJehova, funa abadumele.
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono;
Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho ; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Hamba wenyuke lapha, wena nabantu obakhuphulile ezweni laseGibithe , uye ezweni engalifungela ku -Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe, ngathi: Ngiyakulinika inzalo yakho.
Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyak ulikhuluma. UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki.
Wathuma wabiza uB araki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali , wathi kuye : UJehova uNkulunkulu ka -Israyeli akayalanga yini ngokuthi : Hamba usondele entabeni yaseThabori , uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?
UJehova wambheka , wathi: Hamba ngalawa mandla akho , umsindise u - Israyeli esandleni sakwaMidiyani; angikuthumanga na?
Wathi: Hamba. Wayimukisa izinyanga ezimbili ; yamuka yona nabangane bayo, yalilela ubuntombi bayo ezintabeni.
URuthe wakwaMowabi wathi kuNawomi : Mangihambe, ngiye ensimini , ngikhothoze ezikhwetshini emva kwalowo engiyakufumana umusa emehlweni akhe. Wathi kuye: Hamba, ndodakazi yami.
Wayesephendula u -Eli ethi : Hamba ngokuthula ; uNkulunkulu wakwa - Israyeli makakunike okucelileyo kuye.
U-Eli wathi kuSamuweli : Hamba, ulale; kuyakuthi uma ekubiza , usho ukuthi: Khuluma, Jehova, ngokuba inceku yakho iyezwa . Wayesehamba uSamuweli, walala endaweni yakhe.
Ophethe izikhali zakhe wathi kuye : Yenza konke okusenhliziyweni yakho : hamba, bheka, nginawe njengenhliziyo yakho.
Hamba manje , unqobe u -Amaleki, uchithe impela konke anakho , ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa , nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.
Wathi uSamuweli : Ngingahamba kanjani ? Uma uSawule ekuzwa , uyakungibulala. UJehova wathi: Hamba nesithokazi, uthi: Ngize ukuhlabela uJehova.
UDavide wathi: UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti . USawule wathi kuDavide: Hamba, uJehova uyakuba nawe.
Bheka, ngiyakuthuma umfana ngokuthi : Hamba ufune imicibisholo . Uma ngithi kumfana: Bheka, imicibisholo inganeno kwakho, yithathe, woza wena, ngokuba ungaba nokuthula, akukho lutho, kuphila kukaJehova.
Kepha uma ngithi kanje kumfana: Bheka, imicibisholo ingalaphaya kwakho, hamba, ngokuba uJehova ukumukisile.
UJonathani wathi kuDavide : Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi : U Jehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenza lo yakho kuze kube phakade . Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.
Umprofethi uGadi wathi kuDavide : Ungahlali enqabeni; hamba uye ezweni lakwaJuda. Wayesesuka uDavide, wafika ehlathini laseHereti. USawule ubulala abaseNobi
Ngalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngiye ngibulale lawo maFilisti na? UJehova wathi kuDavide: Hamba uwabulale amaFilisti, usindise iKeyila.
Ngalokho mayizwe inkosi yami , inkosi, amazwi enceku yayo . Uma nguJehova okuncokoloza ngami , makamukele umnikelo , kepha uma kungabantwana babantu , mabaqalekiswe phambi kukaJehova , ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova , bethi: Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.
Hamba uyitshele inceku yami uDavide ukuthi : U sho kanje uJehova , uthi: Uyakungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo na?
UDavide wayesethumela endlini kaTamari ngokuthi : Hamba manje , uye endlini ka-Amnoni umnewenu, umlungisele ukudla.
UDavide wathi ku -Ithayi: Hamba, uwele. U-Ithayi umGiti wawela kanye nabo bonke abantu bakhe nazo zonke izingane ezazinaye.
Wayesethi uJowabe kumKushe : Hamba, uyitshele inkosi okubonileyo . UmKushe wamkhothamela uJowabe, wagijima.
Intukuthelo kaJehova yabuye yavuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ngabo ngokuthi: Hamba ubale u-Israyeli noJuda.
Inkosi yathi kuJowabe induna yempi eyayinaye: Hamba ezizweni zonke zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba , nibale abantu ukuba ngiwazi umumo wabantu.
Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi : U Jehova usho kanje , uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.
Hamba ungene enkosini uDavide , uthi kuyo : Wena nkosi yami , nkosi, awufunganga yini kuyo incekukazi yakho ngokuthi : USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami , ahlale esihlalweni sami sobukhosi , na? Pho, kungani ukuba kubuse u-Adoniya na?
Yayisithumela inkosi uSolomoni , bamehlisa e -altare. Wafika, wakhuleka enkosini uSolomoni; uSolomoni wathi kuye: Hamba, uye endlini yakho.
Inkosi yathi ku -Abiyathara umpristi : Hamba uye e -Anathoti emasimini akho, lokhu ungowokufa , kepha angiyikukubulala namuhla , ngokuba wawuwuthwala umphongolo weNkosi uJehova phambi kukaDavide ubaba , wahlupheka ngakho konke ubaba ahlupheka ngakho.
Inkosi uSolo moni yatshelwa ukuthi : UJowabe ubalekele etendeni likaJehova; bheka, ungase-altare. USolomoni wayesethuma uBenaya indodana kaJehoyada ngokuthi: Hamba, umsukele.
Hamba umtshele uJerobowamu ukuthi : U Jehova uNkulunkulu ka -Israyeli usho kanje , uthi: Njengokuba ngakuphakamisa phakathi kwabantu , ngakubeka ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,
Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide ; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.
Wayesethi u -Eliya kuye : Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho , kepha ngenzele mina ku qala iqebelengwane elincane ngakho , ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho.
Kwathi emva kwezinsuku eziningi izwi likaJehova lafika ku -Eliya ngomnyaka wesithathu, lathi: Hamba uzibonakalise ku -Ahabi; ngiyakunisa imvula emhlabeni.
U-Ahabi wathi ku -Obadiya: Hamba ezwe ni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singafumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi, izilwane zingabhubhi.
Wayesethi uJehova kuye : Hamba, ubuye ngendlela yakho , uye ehlane laseDamaseku; usufikile khona uyakumgcoba uHazayeli abe yinkosi yase - Aramu;
Wayeseshiya izinkabi , wagijima wamlandela u -Eliya, wathi: Ake ngange ubaba nomame , bese ngikulandela . Wathi kuye: Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?
Umprofethi wasondela enkosini yakwa -Israyeli, wathi kuyo : Hamba uziqinise, uqaphele, ubone oyakukwenza, ngokuba emva komnyaka inkosi yama-Aramu iyakwenyuka ukulwa nawe.
Wathi: Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke. Wayesethi: Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo.
Kepha u -Elisha wathi enkosini yakwa -Israyeli: Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko . Kepha inkosi yakwa -Israyeli yathi kuye : Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.
Wayesethi: Hamba utsheleke izitsha ngaphandle kubo bonke abakhelwane bakho, izitsha ezingenalutho, zingabi yingcosana.
Wayeseya ukumtshela lowo muntu kaNkulunkulu . Wathi yena : Hamba uthengise ngamafutha , ukhokhe isikwenetu sakho , uzondle wena namadodana akho ngaseleyo.
U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi : Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.
Yayisithi: Hamba ubone ukuthi uphi ukuba ngithumele ngimlande . Watshelwa ukuthi: Bheka, useDothani.
U-Elisha wathi kuye : Hamba, uthi kuye : U yakusinda nokusinda , kodwa uJehova ungibonisile ukuthi ngempela uyakufa nokufa.
Hamba utshele uDavide inceku yami ukuthi : U sho kanje uJehova , uthi: Awuyikungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo,
Hamba ukhulume kuDavide n gokuthi: U Jehova usho kanje , uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.
Yathi: Hamba usho kulaba bantu ukuthi : Yizwani, yizwani, kepha ningaqondi; bonani, bonani, kepha ningazi.
Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe , njengalokho sasikhona phakathi kukababa noyihlo ; bheka, ngithuma kuwe isiliva negolide ; hamba waphule isivumelwano sakh o noBahasha inkosi yakwa -Israyeli ukuba asuke kimi.
Wathi: Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke . Wathi: U yakumyenga, futhi uyakumahlula ; hamba, wenze njalo.
Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo , uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika -Isaya indodana ka - Amose, wathi: Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho , ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho . Wenze njalo , wahamba ze , akafakanga nazicathulo.
Manje hamba ukulobe phambi kwabo esibhebheni , ukubhale encwadin i ukuba kube ngubufakazi besikhathi esizayo kuze kube phakade.
Hamba, uthi kuHezekiya : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.
Lase lifika izwi likaJehova, lithi: Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema, uthi: Usho kanje uJehova, uthi:
Hamba umemezele lawa mazwi ngasenyakatho , uthi: Buya wena Israyeli ohlehlayo, usho uJehova; angiyikuninyakamela, ngokuba nginomusa , usho uJehova; angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.
Usho kanje uJehova kimi, uthi: Hamba uzithengele ibhande lelineni, ulibeke ezinkalweni zakho, ungalingenisi emanzini.
Usho kanje kimi uJehova, uthi: Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda , aphuma ngalo futhi , nasemasangweni onke aseJerusalema,
Washo kanje uJehova , wathi: Hamba uzithengele uphiso lwebumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abapristi,
Hamba usho kuHananiya , uthi: U sho kanje uJehova , uthi: Uwaphulile amajoka omuthi, kepha uyakwenza amajoka ensimbi esikhundleni sawo.
Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kuSedekiya inkosi yakwaJuda , uthi kuye : U sho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJ erusalema, uthi: Aniyikwamukela ukulaywa ukuba niwalalele amazwi ami na? usho uJehova.
Hamba wena , ufunde emqulwini owulobileyo , uthathe emlonyeni wami , amazwi kaJehova ezindl ebeni zabantu endlini kaJehova ngosuku lokuzila ukudla, uwafunde nasezindlebeni zabo bonke abakwaJuda abavela emizini yakubo.
Hamba ukhulume ku -Ebedi Meleki umKushe , uthi: U sho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela amazwi ami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, abe ngaphambi kwakho ngalolo suku.
Hamba uye kubathunjwa , kubantwana babantu bakho , ukhulume kubo , uthi kubo: Isho njalo iNkosi uJehova, noma bezwa noma benganaki.
UMoya wayesengena kimi, wangimisa ngezinyawo zami, wakhuluma kimi, wathi kimi: Hamba uzivalele endlini yakho.
Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni ; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.
Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya , uJehova wat hi kuHoseya : Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.
UJehova wathi kimi : Hamba futhi , umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu , bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.
U-Amasiya wayesethi ku -Amose: Wena mboni , hamba, ubalekele ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, uprofethe khona;
Kepha uJehova wangisusa ekulandeleni umhlambi ; uJehova wathi kimi : Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.
UJesu wayesethi kuye : Bheka, ungatsheli muntu , kepha hamba uzibonakalise kumpristi , uyise umnikelo owayalelwa nguMose , kube ngubufakazi kubo. Ukuphulukiswa kwenceku yenduna (Luk. 7:1)
Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi , nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: Hamba, lihambe; ngithi kwelinye : Woza, lize; nasencekwini yami: Yenza lokhu, ikwenze.
UJesu wayesethi enduneni yekhulu: Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho. Umfana wasinda ngaso leso sikhathi. Umkhwekazi kaPetru nabanye abagulayo bayaphulukiswa (Mark. 1:23; Luk. 4:31)
UJesu wathi kuye: Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.
Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini.
wathi kuye : Bheka, ungasho lutho kumuntu , kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose , kube ngubufakazi kubo.
Akamvumelanga, kepha wathi kuye : Hamba uye ekhaya kwabakini , ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.
Wayesethi kuye: Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.
UJesu wayesembheka , emthanda, wathi kuye : Usasilalelwe into inye ; hamba uthengise ngakho konke onakho , uphe abampofu , khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.
UJesu wathi kuyo : Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile . Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.
Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi , nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: Hamba, lihambe; nakwelinye: Woza, lize; nasencekwini yami: Yenza lokhu, ikwenze.
Kepha wathi kuye : Yeka abafileyo bembele abafileyo babo , kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.
Kepha nxa umenyiwe , hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba , nxa efika okumemileyo, athi kuwe: Mhlobo, yenyukela enhla; khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni.
Wathi kuyo uJesu: Hamba, indodana yakho iphilile. Lowo muntu wakholwa yizwi alishilo kuye uJesu, wahamba.
Wayesethi: Akakho, Nkosi. Wathi-ke uJesu kuye: Nami angikulahli; hamba, ungabe usona. Ukukhanya kwezwe
Wathi kuyo : Hamba uyogeza echibini laseSilowama , okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.
Kodwa uPetru wathi : Isiliva negolide anginalo ; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.
INkosi yayisithi kuye : Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa- Israyeli,
Wathi kimi: Hamba, ngokuba mina ngizakukuthuma uye kude kwabezizwe. AbaJuda bafuna ukumbulala uPawulu
Esakhuluma ngokulunga, nangokuzithiba, nangokwahlulela okuzayo , uFeliksi washaywa luvalo, waphendula wathi: Okwamanje hamba; kepha nxa ngithola isikhathi, ngizakukubiza,